Nokubongwa phenyane
INKAMPANI eqopha umdlalo iLithapo kwiSABC2, iQuizzical Pictures, ithi imatasa iyaphenya ngezinsolo zokuhlukunyezwa kwabalingisi besifazane ababili abasola uzakwabo ngalokhu.
Kuvele izindaba zokuthi omunye wabalingisi abahamba phambili usolwa ngabanye abalingisi okukhona kubo uLorraine Moropa no-Altovise Lawrence ngokubahlukumeza.
Bobabili babhale enkundleni yabo i-Instagram bebalisa ngokuhlukumezeka abakuthola kumlingisi oke walingisa emidlalweni okhukhona kuyo neHousekeepers ngesizini yokuqala.
AbeQuizzical Pictures bathe esitatimendeni babonile konke okubhalwe ngabalingisi emakhasini abo.
“Lena ngenye yezinto esizithathela phezulu kakhulu. Imithetho ethinta ukuhlukunyezwa kwanoma wubani siyibheka ngeso elibukhali ngoba wonke umsebenzi nabalingisi basayina isivumelwano sokuthi akekho oyohlukumeza omunye nganoma yiluphi uhlobo ikakhulukazi uma kuziwa kwezithinta ucansi. Ngesikhathi kuqala umdlalo saba nemihlangano ehlukene ukufundisa wonke umuntu ngezinto ezivumelekile nezingavumelekile,” kusho isitatimende.
Bathe basahlanganisa amakhanda naye wonke umuntu othintekayo odabeni.
ULorraine uthe bese kukaningi ehlukunyezwa wumlingisi omdala kunaye.
“Ngeke ngikwazi ukuyimela le nto futhi ngeke ngikwazi ukuqhubeka ngithule nayo. Umuntu omdala uyena okumele akusize akubonise uma nisemsebenzini ngezinto ezithinta umsebenzi. Cabanga uthi usemsebenzini umuntu abambe isitho
sakhe sangasese uma ebuka izinqa zakho, aphinde azibambe bese eyahleka kube sengathi yinhle into ayenzayo. Lo muntu ungubaba futhi uhlale ekhuluma ngendodakazi yakhe. Engabe uyothanda yini uma kwenzeka lokhu endodakazini yakhe? Ngikhathele yile nto eyenzekayo. Angikaze ngilale namuntu ukuze ngifike la ngikhona manje.”
Kube sekunanela uzakwabo u-Altovise naye othe wahlukumezeka.
“Ngiyavumelana nokushiwo uLorraine, nami ngehlelwe yisimo esifanayo, senziwa wumlingisi omdala. Ngiyasibonga isibindi sakho sokuphumela obala. Yena lo mlingisi akhuluma ngaye nakimi wake wazama ukungithintathinta, wangitshela ukuthi ngibukeka kahle wangibuza ukuthi umdwebo wami osemzimbeni uhamba ugcine kuphi. Wathi angangithengela zonke izimpahla zasendlini yami uma nje ngingavuma siye ocansini naye. Ukuthi lesi simo bese singikhathazile, bese ngicabanga kaningi ukumbika kubaphathi kodwa bengisaba ukuphazamisa ukuqopha.”
Emuva kokuphuma kwalezi zindaba abalingisi abaningi besifazane babe sebesabalalisa isithombe somlingisi bethi kumele aziwe ukuthi ungubani.
UThuso Mbedu, Dumsani Mbebe nabanye abalingisi bathe kumele axoshwe.
UDumsani uthe baningi abalingisi nabaphathi bezinkampani zokuqopha okumele baphumele obala ngokuhlukumeza abesifazane.
ISABC2 esitatime-ndeni ithe iyaxhumana nenkampani eqopha umdlalo ukubheka mayelana nodaba.
“Sidedele inkampani ukuthi yenze uphenyo ngezinsolo okumele zithathelwe phezulu. Uma uphenyo seluphelile sophinde simemezele isinqumo.”