UZIME wakuleli osedume umhlaba wonke uthi abantu abafunde ukunaka izindaba zabo kulandela ukugxekwa kwamajaji ngokuqoka udadewabo kuma Idols.
Abalandeli bama Idols sebaveze ukuthi abaneme neze ezinkundleni zokuxhumana ngokudlulela esigabeni esilandelayo kukaSibabalwe Tunzi (25) ongudadewabo kaZozibini Tunzi onguMiss Universe ungomunye wabantu abathole igolden ticket ngempelasonto kwinhlolokhono yama Idols eKapa.
Yize engalibekanga ngembaba kodwa kubacacele abantu "ebebemhlasela" ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uphendula bona kufacebook naku-Instagram.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uSibabalwe evotelwe uSomizi, u-Unathi noCassper Nyovest nokumenze wadlulela esigabeni esilandelayo. Abanye balaba balandeli bakhala ngokuthi uSibabalwe wenzelelwe kwinhlolokhono ngoba engudadewabo kaZozibini, abagcinanga lapho bahlasele ekhasini lakhe lakuFacebook lapho uZozibini ebefake khona ivideo ejabulela udadewabo.
Yize bekufanele kube umzuzu omnandi nomjabulisayo kodwa ugcine esecotshwa indlela abantu ebebephawula ngayo ngodadewabo.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebekhala ngokuthi akakufanele ukuba yingxenye yalo mncintiswano ngoba akakwazi ukucula. Abanye bathi kunenqwaba yabantu abanekhono kodwa abanganikezwanga ithuba kwanikezwa uSibabalwe. Ngesikhathi kujajwa kulo mncintiswano uSomizi wakuveza ukuthi unezwi elimnandi kodwa kuzomele akhuphule amasokisi ngoba baningi abantu abanekho. U-Unathi yena wachazwa yizwi lakhe waveza nokuthi limnandi liyalaleleka.
UNyovest ukubeke kwacaca ukuthi kubona bonke abantu esebeke bangenela le nhlolokhono uthande yena uSibabalwe. Kuzokhumbuleka ukuthi uNyovest wake wakuveza ukuthi uyazifela ngoZozibini nokwenza abanye abantu balingabaze ivoti lakhe. Lo mncintiswano usaqhubeka nokulindeleke ukuthi kuphinde kuhlungelwe iTheatre Week eSun City ngokuhlukana kwezigaba zomncintiswano.