UKUBOSHWA kukaZolani, okuyindawo elingiswa nguLawrence Maleka emdlalweni iThe River, kushiye abaningi ezinkundleni zokuxhumana bezibuza ngekusasa lakhe kulo mdlalo.
Ukuphawula kwabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana kucacele ngisho ingane encane ukuthi abantu bakuleli bayazifela ngalo mlingisi we- The River.
Esiqeshini saleli sonto uZolani uphoqeleke ukuthi ashiye umndeni wakhe ayobhadla ejele kulandela ukutholakala kwakhe enecala lokubulala umdlwenguli kankosikazi wakhe, nokusho ukuthi usazoke anyamalale isikhashana.
Ukuhamba kwakhe kushiye abaningi bephatheke kabi, ngisho nabasabukela isizini endala, edlala kuMzansi Magic, nabo bazwakalise ukuphatheka kabi, besho nokuthi bayithanda kakhulu indawo ayidlalayo.
Abaningi basabise ngokuthi uma kwenzeka ewushiya lo mdlalo, oqale udlale ku-1 Magic bese kuthi isizini endala idlale kuMzansi Magic ngo-7 ebusuku, ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu, kuyobe sewukuyeka kwabo ukuwubuka lo mdlalo njengoba (uZolani) engomunye wezithandwa zabo.
UNozipho Fakude uthe “Uma kuwukuthi uyashiya ngempela uZolani, seniyosala nodwa mina bengivele ngiwubukela yena lo mdlalo”.
UMr Miyagi uthe “UZolani akudingeki aye ejele, ubani manje osezosijabulisa?”
USheila Molete uthe “Phathu Makwarela, ngabe uZolani uya okwangempela ejele noma usehamba unomphela? Akayena umuntu olungile kodwa siyamdinga.
UMiihla Myendeki uthe “Hau Zolani, wayekelela konke kanjalo nje kodwa sikudinga ungahambile kulo mdlalo”.
UPercy Vilakazi, onguphrojusa walo mdlalo, ekhuluma neSolezwe, wale waphetha ukuphumela obala mayelana nokuthi iphelile noma cha indawo kaZolani.
Uveze ukuthi kuba khona izinguquko eziningi uma sekuzoqala isizini entsha.
“Maduzane isizini esikuyona izophela ngakho-ke kuningi okwenzakayo njengoba kubonakala kulo mdlalo. Engingakuqinisekisa nje ukuthi kukhulu okuzayo, okuzokwenza isizini entsha iqale kahle. Okunye abantu engidinga bakwazi ukuthi uZolani usesejele futhi yila azohlala khona,” kuchaza yena.