LINETHEMBA lokuthi kuzovuleka iminyango eminingi iqembu lomdanso laseThekwini Amadada Dancers, elimatasa nokuqopha umdlalo okhuluma ngomdanso kwiNetflix.
Amadada abunjwe nguSgaqa Chiliza, Slenda Zungu, Mbali Kennedy, Nosie Ngema no-Ornica Dasi.
Umholi weqembu uSgaqa, uthe namhlanje babuyela eKapa lapho beqopha khona umdlalo iJiva.
“Ukuqopha sakuqala ngoMashi kodwa ngenxa yeCovid-19 kwaphoqeleka ukuthi kumiswe sabe sesiyabuya. Abadidiyeli befilimu, noma umdlalo uma uthanda ngoba kuzokhonjiswa ngeziqephu, benza inhlolokhono sabe sesiyakhethwa. Bakhona nabanye baseThekwini nakwezinye izindawo. Ukuthathwa kwethu kusho lukhulu ngoba kukhombisa ukuthi abantu bayawubona umsebenzi esiwenzayo kwezokudansa. Sizongena emlandweni ngeqhaza esilibambile njengoBabes Wodumo abangena kwiBlack Panther,” kusho uSgaqa.
Kuvela ukuthi abanye abalingisi abakhona ngozakwabo wamaDada enkampanini i-Afrotainmnet, uNaak Musiq, Bontle Modiselle nabanye.
Uthe unethemba lokuthi emuva kokukhonjiswa kwawo, kuzovuleka eminye iminyango.
Njengamanje leli qembu lisebenza noDJ Tira uma edlala liphinde lidansele nabanye abaculi base-Afrotainment oDladla Mshunqisi noTipcee.
“Yithuba elikhulu lokukhula leli. Ngiyazi oSlenda babuye bazimele njengoba enguDJ okuyinto esingenankinga nayo ukuthi abantu bazenzele izinto zabo kodwa uma sekuza ezintweni zeqembu, nazo bazibeka phambili. Sisonke kule nto futhi sithemba ukuthi kukhulu esizokuzuza.”