UNdumiso Dlamini oke walingisa nakwiMbewu: The Seed, uthembisa into yamehlo kule filimu ezoqoshwa yiZero to Hero Casting Agency, okuqondwe ngayo ukuvula amathuba omsebenzi kubalingisi abasafufusa.
UNdumiso udlala phambili noMzwandile Ngwenya oke walingisa emidlalweni yethelevishini ehlukene okukhona kuyona neSibaya kuMzansi Magic.
Ngaphandle kokuthi uthole umsebenzi ngokulingisa phambili kule filimu uNdumiso, uthe kuyamthokozisa ukuthi abe ngomunye wabantu abazolekelela ngokuthi kuthuthukiswe abalingisi abasebasha.
“Inhloso yefilimu ngukuvula amathuba omsebenzi kubalingisi abasebasha ukuze babonwe ngeminye imidlalo emikhulu. Bazoshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngokuthola umsebenzi bathole nethuba lokubonwa yimidlalo emikhulu. Abanikazi bayo bangichazelile ukuthi ngifakwe kuyona ngenhloso yokuthuthukisa bona njengoba ngibuye ngibasize ngibacobelele ngolwazi lokulingisa. Kungijabulisile ukuthi ngibe kule filimu,” kusho uNdumiso.
Umphathi weZero to Hero Casting Agency, uMike Ndlovu, uthe akaqondile ukuba wumagaya azidlele ngokwenza ifilimu ngabalingisi abaqeqeshwa ngaphansi kwenkampani yakhe kodwa uzama ukuvula amathuba omsebenzi.
“Inkinga ebhekana nabalingisi abangakabi negama, kuba lukhuni ukuthi bathathwe kalula emidlalweni emikhulu ngoba basuke bengaziwa. Ngale filimu ngifuna kuvele ukuthi banekhono elingakanani nokuthi baziwe ukuze baqasheke. Inkampani yami isikhiqize abalingisi abaningi abadumile kodwa akubona bonke ababa nenhlanhla yokuvelela. Ngibone kungumqondo omuhle ukuthi ngibahlanganise siqophe ifilimu nabo ukuze babe nento ephathekayo ekulingiseni. Ngicele uNdumiso ukuthi abe kule filimu ngoba ungumlingisi owaziwayo ukuze ibe nesithunzi,” kusho uMike. Uthe konke sekumi ngomumo ngokuqoshwa kwayo kodwa usazivulile izandla ukuthi ibe nabaxhasi. Izoqoshelwa eManzimtoti, eMhlanga naseMolweni. Ikhuluma ngowesilisa othwala ngoyise ukuze acebe okuyinto eyenza umfowabo ahlupheke.