ABALINGISI bakuleli okukhona kubo uLoyiso McDonald, Xolie Tshabalala noYonda Thomas , bakubalingisi bokugcina abamenyezelwe ukuthi bazoba yingxenye yefilimu ethi Happiness Ever After.
ABALINGISI bakuleli okukhona kubo uLoyiso McDonald, Xolie Tshabalala noYonda Thomas , bakubalingisi bokugcina abamenyezelwe ukuthi bazoba yingxenye yefilimu ethi Happiness Ever After.
Le filimu izoqala ukubonakala kwiNetflix namuhla.
Ibuya nje le filimu izoqhubeka kwethi Happiness is a Four Letter Word, njengoba isuselwe kuyona.
Abalingisi okukhona kubo uKhanyi Mbau noRenate Stuurman bazoshaya ibuya kule filimu, nokuzothi isikhala sikaMmabatho Montsho sivalwe uNambitha Ben-Mazwi.
UKhanyi Mbau uthe yize ifilimu yokuqala ihlukile kancane kule ncwadi okususelwe kuyo eyakamuva, kodwa ukubuya kwabalingisi abadala kuzokwenza ithakaselwe futhi abantu basheshe babone ukuthi iya kuphi.
“Abakubona kwifilimu yokuqala nale entsha kuzobajabulisa kakhulu. Kuzoba yinjabulo yodwa ehambisana nezigigaba ezehlukene. Sifuna ukuthatha ababukeli nabalandeli bethu sibanike into entsha”, kuphetha uKhanyi.
Ifilimu yakamuva isuselwe encwadini ethi Happiness Ever After, ebhalwe uNozizwe Cynthia Jele.
UNozizwe uveze ukuthi le filimu izoqhubeka ithathe izinhliziyo zabantu abaningi njengoba ibheka izihloko ezimnandi okukhona kuzo ezithinta uthando nobungani.