Lezi zindaba ziqinisekiswe yimenenja yale miklomelo yabaculi bowokholo uZama Mkhize othe umcimbi uzoqhubeka.
AmaCrown akulo nyaka azoba ngoNovemba 29. Selokhu asungulwa abeba seDurban ICC. Phambilini uZama wathi bazolinda kuze kube uhulumeni uyaphefumula ngokwenziwa kwemicimbi yenjabulo okusamisiwe ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthi umcimbi ube nezethameli noma cha.
“Njengoba isimo seCovid-19 singakashintshi kakhulu futhi sekuze kwashaya lesi sikhathi umengameli engakacacisi ngemicimbi, amaCrown ngeke abe nazo izethameli. Lona ngumcimbi omkhulu ohlelelwa kusasele cishe izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuthi ube khona. Noma umengameli angakhuluma athini kodwa ikomiti selisithathile isinqumo sokuthi umcimbi uzoba sezinkundleni esizozimemezela,” kusho uZama.
Uthe phakathi kwezinkundla imiklomelo ezokhonjiswa kuzo kubalwa iSABC2 lapho ejwayele ukusakazwa khona.
“Ababukeli nabalandeli bangacabangi ukuthi njengoba kuzosakazwa ngobuchwepheshe kukhona okuzohluka kodwa lokhu abajwayele ukukubona kuzoba yikho futhi kuzoba ngaphezulu ngendlela umcimbi esizowuhlelela ngayo. Indikimba yakulo nyaka ithi Hope and Revival ngoba sibuyisa ithemba kubantu futhi sizobabuyisela enkonzweni sibavuselele sisebenzise ne-hashtag ethi #StillWePraise,” kuchaza uZama.
Uthe okwamanje ngeke bawaqinisekise amaciko azobe enandisa kodwa kuzobe kuboshelwe izingqungqulu.
“Sikhuthaza nabantu ukuthi basinikeze imibono yabo yokuthi iyiphi ingoma yonyaka ngokungena ekhasini lethu likaFacebook basho khona. Ngokwenza njalo bazibeka ethubeni lokuwina imiklomelo ehlukene.”
UZama uthe ukungenela kuyaqhubeka kuze kube nguSepthemba 30. Uthe imithetho yokungenela ivumela abanomsebenzi ongemdala ngeminyaka engaphezu kwemithathu.