IMIKLOMELO yabasebenza emkhakheni wezethelevishini namafilimu amaSouth African Film and Television Awards, kuhlelwa ukuthi ibe ngoMeyi 21 noMeyi 22 eGoli.
Lokhu kuvele kusomqulu okhishwe yiNational Film and Video Foundation (Nfvf), ebhekele le miklomelo njengoba ifuna inkampani ezohlela amaSaftas akulo nyaka.
"Ngokudlule amaSaftas abe ngosuku olulodwa eSun City Superbowl futhi ahlanganise uhlelo lwasekuseni oluqoshiwe noludlala bukhoma lwakukhaphethi obomvu nemiklomelo emikhulu ntambama. Kulokhu kodwa amaSaftas 15 azoba sendaweni efanele eGoli imicimbi ibe mibili, ngezinsuku ezilandelanayo bese ikhonjiswa ngoLwesihlanu ngoMeyi 21 2020 - Craft Awards nangoMeyi 22 2021 - imiklomelo emikhulu," kusho usomqulu.
Uqhuba uthi inkampani efunekayo kumele yenze umcimbi ohlanganisa ukuqoshwa kwezinkulumo zabanqobile, ukuqoshwa kwabazonandisa ezindaweni ezahlukene nokunye.
Okuzodlala bukhoma ngokuzoshiwo umethuli wohlelo nokumenyezelwa kwabanqobile.
Umcimbi wokuklomelisa abanqobe kumaCraft Awards okuyilapho kuhlomula khona abasebenza ukuhlanganisa imidlalo yethelevishini namafilimu, wona uzosakazwa online. Kuthiwa ngenxa yesibalo esiphezulu semiklomelo izohlukaniswa kabili ekuseni nantambama.
Indikimba yomcimbi wakulo nyaka ithi Still Shining.
Ukwamukelwa kwezicelo zezinkampani ezifuna ukusingatha le miklomelo kuzovalwa ngo-11 ekuseni ngoMashi 12.
Kwenzeka lokhu nje, umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumsakazi uHulisani Ravele uphumele obala wathi ufuna ukwethula amaSaftas akulo nyaka.
"Noma ngabe ubani othola le thenda ngicela ningithole uma senifuna umethuli! Ngineminyaka engu-24 ngikulo msebenzi futhi angikaze ngiphathe uhlelo kumaSaftas, cabanga!" kusho uHulisani owaqala ukugqama ethula iYo-TV eminyakeni edlule.