UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
AKWEHLI kahle kuNkunzi uma umalume wakhe kukhona into enkulu ayicela kuye. UMbatha uthola izindaba ezimbi kakhulu. USbu usohambweni lokuthi aphumelele. UHlelo noNonka bathola ama-email aphuma emsakazweni iK Mash FM. UNomkhosi unokunqikaza ngokuya kuNkunzi ukuze ayombuza ngokubulala ubaba wakhe. Iphupho likaSibonelo liphenduka into yangempela. UHleziphi uqhamuka nendlela ehlukile yokusiza intsha.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
INDALO ishiya icoboshisile njengoba uMulimisi engaziwa ukuthi ukuphi. Umuntu omdala wakaMukwevho uveza izinsolo ezinkulu azibhekise kuLindelani, nezishiya abakaRavele bemangele. USusan uqamba amanga kuVhutshilo uma embuza ngohambo lwakhe. AbaKwaMukwevho bayaxolisa kubantu bakaRavele. URendani uyanqaba ukubona u-Imani. Enganakile u-Imami uqopha uTendamudzimu evuma wonke amacala asolwa ngawo. Umseshi uNeshehe uthola ukuthi uSusan kukhona akufihlayo ngokudunwa kwakhe, futhi ufuna ukuthola ukuthi yini le ayifihlayo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
U-ANATHI uzama ukucindezela umfowabo ukuthi amnike indaba ayifunayo. UPele uvikela uNozipho uma uNontle ezama ukulwa naye. UKabisi ukhuthaza indodana yakhe ukuthi ibhekane nezinkinga enazo, ingazibalekeli. UMbali uzimisele ukusiza uThenjiwe enze imali. UTracy ukhathazekile ukuzwa ukuthi umngani wakhe akazithembi kangakanani. UMam’Bhengu wenza isimemezelo esishaqisayo. UNkaba noBen Mpofu bebeqamba amanga sonke lesi sikhathi. UPaul kukhona akusolayo futhi uhlela ukuthola okuningi. UMrekza uzwa into abengacangi ukuthi uyoke ayizwe.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
INTO evelayo newumkhondo yenza amaphoyisa kube khona la agxila khona kakhulu, nokwenza umsolwa akhathazeke. Kubukeka sengathi uPortia kukhona imfihlo enkulu akade eyigcinile. Iqembu labantu abahlebayo linovalo lokuthi kungase kube khona oyedwa oveza izimfihlo zabo. Isipho esingaqondakali esifikayo senza uVuvu abe nokungahlaliseki kahle. Owesifazane ubhekana nenkinga anayo, kodwa uphinde abe nomuzwa wokuthi akukhona konke akulungisile. UPhakamile ulwela ukuthi abe umuntu wesifazane ozimele. UGloria (Marjorie Langa) kuyamphoqa ukuthi aqambe amanga kumngani wakhe oseduzane. UGloria uba nesivakashi angatsheli muntu ngaso.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UBHEKANA nezinkinga u-Ona njengoba sekuphoqa ukuthi atshele uRea iqiniso. UCarter uzifakela inselelo njengoba eya ku-Isaac. USoka uthola ngomcimbi womemulo ka-Ona futhi ukhetha ukubatshela ukuthi ufuna ukuba usizo uma bemdinga. U-Isaac uzithola esesimweni esingesihle nesiyingozi. UNeo ubeka uSoka endaweni emshiya ephethwe amahloni. Kungalindele muntu, uFaith utheleka emzini wakaZwide. UFaith utshela uZechariah ngezindaba zokuthi uMaNgidi uyena ozobe ehamba phambili uma sebeyovakashela uFunani. UFaith kukhona akukhulumayo kuFunani njengoba umndeni ulungiselela ukuhamba uye eKZN. USoka uzimisele ukuya ememulweni kodwa uNeo umnika umsebenzi.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
KUKHONA obona sengathi kungenzeka abe ubaba wengane engakazalwa. Amathemba kaMsimelelo okuthi kube khona ukubuyisana ayashabalala ngokushesha. UThulani no-Anathi bahlala bobabili njengoba uLuzuko enike uThulani umyalelo wokuthi ahambe no-Anathi. Indlela ebuyela ekhaya inzima kakhulu kunalokhu akade ekucabanga uMsimelelo. UMsimelelo ucela usizo ukuze aphinde abuyele empilweni kaFuneka. UNozuko unovalo lokuthi ukukhulelwa komunye emzini wakhe kungaba ingcindezi enkulu kuye. UMsimelelo uzimisele ukudicilela phansi uFuneka njengoba emtshela ngokuthi bahlukanise. UMsimelelo noFuneka bayaxabana futhi omunye komunye uthembisa ukumdicilela phansi. UNozuko uzimisele ukwenza kahle ku-Anathi ukuze ajabulise uLuzuko.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UMOYA kaMthembu uyafika kuSiphamandla(Nay Maps) futhi umnika umyalezo obalulekile. UMaMzobe uthola ukuthi bujule kanjani ukungathembeki abukhonjiswe uZibuse, uMlungisi noMaShezi. UMlungisi ubungaza impilo yakhe entsha. UMaNzimande uyenqaba ukwamukela ukwehlulwa. Umshaso kaMaMzobe usezinkingeni. USibusiso uyaqala wenza izinhlelo zokuthi uNokubonga abe unkosikazi kaMlungisi. Imizamo kaZodwa yokuzama ukuba umlamuli, ayihambi kahle. Izindlela zikaNobuntu zokuhamba imicimbi ziphela kabuhlungu.