UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
IZINKINGA zikaNkunzi noMkhonto zima endleleni yokuthi kuqhutshekwe namalobolo. Umuntu ophatheke kabi emoyeni ufuna usizo kuNyawo. USibonelo ufuna ukwazi ukuthi kuqhubekani phakathi kwakhe noNomaswazi. UNyawo uqala izinhlelo zakhe. UMondli usenkingeni uma engatholi lutho oluzomenza abhekane nomsolwa. Ubudlelwane bukababa nendodana bufinyelela esiphethweni. USibonelo enganakile uletha ingozi kubo ekhaya. UGabisile uthola uNomaswazi emzini wakwaMhlongo enoSibonelo. UPastor Gwala noNosipho baqinisekisa ukuthi uNkazimulo kasikho isidingo sokuthi ahambe kubo. UNyawo uba nomzuzu noSthabile. UNomaswazi noSibonelo bayaxolelana ngemuva kokuba nengxabano engaqondakali.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
BAHAMBA bephoxekile uVho-Makhadzi noVho-Masindi ngemuva kokuvakashela endlini kaSusan. UMpho uthola indoda angayazi endlini yakhe. Kunezinkinga othandweni lukaThifheli noVhangani. Into ekhulunywa wuVhangani akayizwa kahle u-Azwindini. Ushaya umthetho emzini kaMotsamai uMme Miriam. UTshifhiwa wenza into enhle enzela udadewabo. Unezinkinga u-Azwindini kodwa uBorosi uthi uzobambisana naye kukhona konke. Uxolo iyona into ekhulunywayo emzini wakaMotsamai Izindaba zokuthembisana umshado kaGugu noJames ziyavela. UMpho uthola ukuthi uTshifhiwa akabanga neqiniso. UGugu wamukelwa ngokusemthethweni emzini wakaMotsamai esengumakoti.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
UMREKZA uzakhela abangani abasha. UMaKhumalo uthola izindaba ezimthusayo eziqhamuka kubantu abahlala edolobheni. ULuyolo(Karabo Maseko) okhathazekile uvula icala lomuntu olahlekile. UPele uma ezama ukuthola usizo kuNozipho akuhambi ngendlela njengoba kuba khona ingxabano. Indoda ikubeka kucace kuLucy ukuthi usezimele. UMpho udinwa wuthando aluthola kanzima. Isigebengu sikhishelwa ukuthi senze umsebenzi ngobunono. U-Ayanda uzizwa engamukelekile uma omunye wakwaCele emlahla. Kungani isigebengu silokhu sidlala umacashelana namaphoyisa? Ingxabano eshisa phansi emzini wakwaCele, iletha injabulo kuMaKhumalo. Inkulumo kaDr Langa enganakekile iletha ukukhanya kwabanye.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
KUYAMPHOQA uMbali ukuthi athathe uhambo ukuze azenzele izinto ngezandla zakhe. Owesilisa uthola izindaba ezimshiya emangele futhi engacabangi ukuthi lokhu okwenzekayo kwenzeka kuye. UNhlamulo uthola izindaba ezimnandi, kodwa ingabe ukulungele azobhekana nakho? UMbali ubahambela phambili abantu abafuna ukumphazamisa ezinhlelweni zakhe. UMdala uzama ukulungisa lapho konakele khona. UTaps uzama ukuba wusizo kuNhlamulo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UNKOSI uyalisebenzisa isu lakhe akade alihlela lokudicilela phansi uFaith. ULaz (Khaya Dladla) uzizwa ephoxwe uFunani ngesinqumo asithathile sokumbukela phansi njengoba enike uNikiwe umsebenzi akade bewuhlelele uFaith. UNomsa noFaith bathola ukuthi ingubo yabo yonakele ngesikhathi ikhonjiswa komunye wemincintiswano. UFunani uzama ukwenza uxolo noLaz. U-Ona uyahluleka ukujabulisa umuntu ofuna ukuba sebhizinisini naye.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku eMzansi Magic
ULUZUKO ubhekana nomuntu omthumele ngabantu ukuthi bazoqeda ngaye futhi akalukhombisi uzwela. Izinto kazihambi kahle phakathi kukamakoti ozoshada nendodana ezalwa wumyeni wakhe. UThulani kancane luyakhula uthando analo ngo-Anathi. UMsimelelo wenza isivumelwano sokudayiswa kwamalahle engazi uLuzuko, kunalokho ufaka uNtando kuleso sivumelwano.
DIEPCITY
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
ISIMO esibi ebesingalindelekile sehla emdenini wakwaJele. UMgedeza wenza into engase imfake engozini enkulu. UThandiwe(Thandeka Dawn King) uyadlula emhlabeni. UMaureen ubona ukuthi ungubani ngempela uMgezeza. UNox uvikela isithunzi sikamama wakhe.