UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
USIBONELO ucindezela uHlelo ekutheni athathe isinqumo abengafuni ukusenza. Unkosikazi wenza ukungathembeki kumyeni wakhe, nokushiya imibuzo ngomshado wabo. USibonelo noNomaswazi bahlela isidlo esikhethekile lapho bezomemezela khona ngobudlelwane babo. UPastor Gwala akajabule uma uMondli ebaphelezela beya kwadokotela. Isidlo esihleliwe asihambi kahle. UMpendulo utshela uNyawo ukuthi akaqale alungiselele umngcwabo wakhe. UMthambisi usola uColonel Mabaso ngokungathembeki. UGabisile ufonela uNkunzi ngemuva kokuthi ebone uMthambisi ebulala umuntu. UGabisile uyathuka uma ethola ukuthi ubethandana nosathane.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
INTO akade eyisaba uGugu iyenzeka ngempela. UTshifhiwa ukhombisa uthando kuRendani. Kukhona impi enkulu phakathi kukamama nendodana futhi bayasongelana. UKhumo (Seneo Mabengano) uveza imfihlo kaGugu. UVho-Masindi noVho-Makhadzi basola uLindelani ngokuba umthakathi. UHangwani uthola ukuthi uGugu ukhulelwe. AbakwaMukwevho bayathuka ukuzwa ukuthi uLindelani nguyena okhethwe amadlozi ukuthi athathe isipho esiyigugu. U-Azwindini uyenqaba ukunikela ngoVhutshilo. UHangwani unqumela uGugu ugwayi katiki. UMpho ugqokisa uTshifhiwa njengohlanya
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
ULUYOLO ucabanga ukuthi umngani wakhe akafuni ukuvumela imizwa yakhe la emusa khona. UPitso uvakashela uPele futhi uthuswa akubonayo. UMazwi udiniwe futhi uphatheke kabuhlungu uma umuntu ayethandana naye enza isinqumo engekho. USphe uthola ukuthi entweni ayenzayo akaqophisani nje nomuntu oyedwa kodwa baningi. Ekugcineni isibhamu siyaqhuma. UKenny usukela umuntu ongalungile ngesikhathi esingalungile. ULucy unomona wesikhathi esinikwa uCosmo. Izithandani ezisencane ziyathandana futhi ziyafihla. AbakwaDiale bathuswa imiphumela abayithole kade bebhala. UTracy akaboni ukuthi amazwi akhe ahlale kabi komunye.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
USHIYWA igazi futhi uyathuka owesilisa uma ebona ukuthi kuningi esikwaziyo isitha sakhe. Abalandeli bakaLayla baqhuba into uKutlwano azama ukuqeda ngayo. UTaps uzithola ephethe ulwazi olungalungile nangalusebenzisa. UDintle noReggie baba nesivumelwane sokuqhubekela phambili nesingahlali kahle emindenini yabo. Owesilisa ubona kungcono ukuthi enze into embi ukuze aphume esimweni esingesihle akusona. UJojo (Melusi Mbele) uzithola esesiteshini samaphoyisa futhi. Ingozi ebingalindelekile iphoqa ukuthi kube khona isinqumo esithathwayo. UJakes umangazwa yizinguquko ezintsha ezenzeka e-Uthuli. UPrudence uthola ngezinguquko ezijabulisayo empilweni yendodakazi yakhe.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
USANDILE uhleli phezu kolwazi olungalimaza uSoka.
UFunani uthatha isinyathelo ngoFaith, nesishiya uFaith emangele. USandile uthatha isinqumo sokwenza izinto ngendlela elungile.
Izingane zakwaZwide seziyaqala ukuzwa imiphumela yempi ekhona phakathi kukaFunani noFaith. UZanele okhathazekile uthatha isinqumo sokuveza iqiniso ngomfowabo. UMolefe uzithola esengene empini ekhona emndenini wakhe.
UNkosi uzama ukwenza okulungile kodwa uphazanyiswa ucingo olungenayo nolubalulekile. Abafana bathatha ikhasi elisha empilweni yabo.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku eMzansi Magic
UNTANDO usabisa ngokuthi uzokhuluma iqiniso ngomama wakhe uma engayenzi into ayifunayo. UBulelwa noNobomi bakholelwa ekutheni kukhona umthakathi obhekene nabo. Ukuzinikela kukaNtando kuphoqa uZimkhitha ukuthi naye kube khona akunakayo kulokhu abakwenzayo. UNobomi noBulelwa kukhona abakuphenyayo. UZimkhitha wenza okungalindelekile ukuze asize uMsimelelo. UBulelwa ufuna lonke iqiniso kuNozuko futhi uyamthembisa ukuthi usezoziphatha kahle. Ekugcineni impilo kaLuzuko ibuyela esimweni. UMsimelelo ubona ukuthi uxhaso akade eluthola alusaqinile njengakuqala. Imfihlo ka-Anathi iyavela ekugcineni.
DIEPCITY
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UMGEDEZA ufuna amantombazane enze umsebenzi wokugcina kodwa uyamnqabela uNox ukuthi abe khona. URingo uyayijabulela indlela abesifazane basesontweni abamnaka ngayo. Kukhona inhlanhla ayizamayo uMagdalene. ULerato uba yimpimpi. UNox uyaxolisa kuSne (Nompumelelo Vilakazi) noMgedeza uyabathembisa ukuthi inkunzi abayoyibamba eyokugcina. Izinkinga ziyamlandela uLerato. Inkunzi abayoyibamba iba yimpumelelo. Kukhona icebo alihlelayo uNox. URingo uyayeka ukuba umfundisi.