USOMAHLAYA wakuleli, uLoyiso Gola, uphinde wathola ithuba eliyingqayizivele njengoba ngenyanga ezayo kuzoqala ukukhonjiswa kwamahlaya akhe kuNetflix.
ULoyiso ungusomahlaya wokuqala kuleli ukuthi kukhonjiswe amahlaya akhe kulesi siteshi se-TV esisebenza nge-internet njengoba kuqale ngonyaka odlule.
La mahlaya azokhonjiswa ihora lonke kuNetflix, azoqala ukubonakala ngoMashi 23.
Ekhuluma ngawo uthe uwenze kunzima ngesikhathi kuqala isikhathi sikathaqa ezweni ngenxa yegciwane iCovid-19.
Uveze ukuthi uwaqophe eZeits Mocca, eKapa, ngonyaka odlule, la kwakukhona abantu abambalwa ababeyizibukeli, okuyinto angayijwayele kodwa injabulo ababenayo bephuma kulo mcimbi yambuyisela ithemba wabona ukuthi izinto ngelinye ilanga ziyobuyela esimeni esijwayelekile.
“Akekho ongazi ukuthi sisesikhathini esinzima emhlabeni wonke manje. Ngakho abantu bayakudinga ukuthi bahleke njengoba yonke into inzima, yingakho ngethula la mahlaya kubalandeli bami, isihloko sithi Unlearning. Ngithemba ukuthi abantu bazowathokozela kakhulu,” kusho uLoyiso.
Uveze ukuthi kuwona uzobe exoxela abantu ngohambo lwakhe lokukhula ebuka izinto ezihlukene ngesikhathi sobandlululo kuleli.
“Okujabulisa kakhulu ukuthi kungokokuqala ukuthi ngibe Wusomahlaya ozobe eyedwa ohlelweni lwamahlaya kuleli, akugcini nje lapho okunye amahlaya okuqala akuleli kulo nyaka ukukhonjiswa kuNetflix, kimina lokhu kusho lukhulu,” kuchaza uLoyiso.
ULoyiso osechitha isikhathi esiningi phesheya kwezilwandle, uveze ukuthi uhambo lokwenza amahlaya yedwa uluqale kwi-Edinburgh Fringe, e-UK, ngo-2017 nala aqopha khona iDVD eyabe isikhonjiswa emcimbini iMICF, eSoho Theatre, eLondon. Kuleli yakhonjiswa emcimbini owenzelwa eGrahamstown, yagcina ukukhonjiiswa eSoho Playhouse, eNew York.
Uthe okumjabulisayo ngomsebenzi wakhe wakamuva ukuthi uwuqophele kuleli wathi uthemba ukuthi uzojatshulelwa abaningi.