NOKUBONGWA PHENYANE
ZIGCINE zimenyezelwe izintokazi ezizobonakala ohlelweni oluzobonakala okokuqala kuleli iSingle Wives SA, ezoqala ngoSepthemba 3 ngo-7 ebusuku kuM-Net.
Uhlelo lwethulwa kwabezindaba ngoFebhuwari eSun City, eNorth West.
Omunye wophrojusa nabasunguli balo uRelebogile Mabotja, wathembisa lukhulu ngalo.
Kwabazobonakala kulona kukhona U-Angel Pather, Chantelle Thrupp-Snow, Genevieve Stander, Helen Zondo, Nikki Nell noTori Celliers. Lezi zintokazi zizozama inhlanhla yokuphinda zithole omaqondana njengoba ziphuma emishadweni engahambanga kahle.
Ngesikhathi echaza ngalolu hlelo uRelebogile waveza ukuthi ujabule ngokuphinda ahlanganise uhlelo olufana nalolu, athemba ukuthi luzoba wusizo kwabesifazane nabesilisa abadinga omaqondana.
Lolu hlelo olususelwa kwolwase-Australia waveza ukuthi kuningi okuhlukile ngalo, okungenzeki kulolu hlelo kwamanye amazwe esihlala sikubona ezinhlelweni zothando.
Lolu hlelo luzokwethulwa wuMapaseka Mokwele noJustin Cohen, abazophinde basize abesifazane ngolwazi olungabasiza ukuze bahlale besothandweni olujabulisayo.
UMapaseka uthe okuzobonakala ohlelweni okwenziwe abantu abaningi abahamba indlela yokufuna uthando.
“Okuhlukile ngalo ukuthi lugcwele nobumnandi, izinyembezi nokuhleka izinto ezihlukene abesifazane abake bazenza ngenxa yothando. Nginxusa ukuthi abantu balubuke ngoba kukhulu abangakufunda kulona,” kuchaza uMapaseka.