UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
IMPILO kaSibonelo ayiyinhle, nabakwaMagwaza bathola isipho akade besidinga. UNosipho ujika izinto phakathi kwakhe noShlobo. UNkunzi uthola ulwazi ngokuthi kwenzekani kuSibonelo. UNonka ekugcineni uthatha isinqumo sokuthi azinake yena. Impilo kaSibonelo isengcupheni. UHleziphi ekugcineni uthola izimpendulo mayelana nobudlelwane bakhe noKwanda. UNosipho uthola into akade engayilindele nehlukile uma kukhona udaba olubucayi okukhulunywa ngalo. Uhlelo lukaNkunzi luqala ukuthusa abaningi oLundi. Imikhuba kaHleziphi ihlala obala. Alukho usuku olungafiki empilweni njengoba nolukaNjinji selufikile.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
USUSAN wenza izinto ezingaphezu kwamandla akhe. U-Imani (Zonke Mchunu) uphindela kubo. UJames uyakhathazeka uma uLesedi emcela ukuthi amsize ngokuxazulula umlando womndeni wakhe nokuwumsebenzi odingeka esikoleni. UTendamudzimu uthola isipho esisolisayo emnyango wakwakhe. USusan umenyiwe ukuthi ayoba nenkulumo ngxoxo kwaSABC 2.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
ULUYOLO uthola izindaba ezimnandi kodwa konke lokho kujabula kuyaphela uma kungena umqhafazo. Uphenyo lukaMpho luthela izithelo uma kukhona akutholayo. UMrekza uyakhathazeka uma uLucy ehamba endlini ehlomile futhi ediniwe. UMbali uyabona futhi uthukile ukuthi izitha zakhe zihlelani. UWinston kungenzeka usehambile kodwa ukwesaba kuSphe kusekude ukuphela. Ingubo ka-Ayanda enhle imosha ubusuku bukaNontle obukhulu. UPhilani ukhipha isixwayiso sokuthi kungenzekani uma imvu yenkosi yabo ibajikela. Kukhona okungahambi kahle ngoZondiwe kodwa akafuni ukukuvuma lokho. UThembeka akaboni ukuthi uthatha amaphilisi okungewona. Umuntu onezinhlelo zakhe ufuna ukusiza uSphe ongaphathekile kahle emoyeni. UMbali uthola izindaba ezimshiya ephatheke kabi futhi uthatha isinqumo sokuthi akhulume iqiniso.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UMBALI kuyamphoqa ukuthi asebenzise amaqhinga akhe akudala ukuze kube khona abasabayo. UGloria ubona ithuba lokwenza imali futhi ukubeka kucace ukuthi usizo lwakhe aluzi kalula. Inhliziyo yowesifazane iyajabula uma othandiweyo wakhe emtshela ukuthi uzobuya ekhaya maduzane. Owesifazane osemncane uyazinikela entweni okuthiwe akayenze futhi kuba khona neqiniso alitholayo. Amaphoyisa ayangenelela ecaleni lokuduka kwentombazane. UFreddie uqhamuka necebo elimangazayo lokuthi uRorisang abe sezindaweni ezimbili ngesikhathi esisodwa. Izinto zimhambela kahle uDintle kodwa ngabe uzoyekelela izinto ziphinde zimbhedele? URorisang ucishe uyabanjwa kodwa uyakwazi ukuthi acashe. Owesilisa uyanqaba ukuthi kudlalwe ngaye futhi laba abenza lokhu ubanqumela ugwayi katiki. Isimo esiphuthumayo esiqhamuka KwaNgema senza uLindiwe no-Omphile bangaboni ngaso linye. URori uzinikele ekutheni abonane nomuntu omphilisa kanzima.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
UFUNANI no-Ona baba nenkululeko ekugcineni. UMolefe uzifaka enkingeni futhi. UShoki noNkosi bayaqhubeka nokukhumbulana. U-Ona noFunani bayaxabana njengoba benemisiko efanayo, nokuphoqa ukuthi kube khona okhipha owakhe. UPearl unika uNkosi umbono awudingayo kodwa akade engawulindele. UNkosi uyazama kodwa umphumela awubi bikho njengoba efuna abesifazane ababili ababalulekile empilweni yakhe ukuthi bazwane. U-Ona ujabule uma ebona imisiko yakhe iphumelela. Ngephutha uShoki ufaka ingubo ka-Ona ku-Instagram. UNambitha (Sikelelwa Vuyeleni) ujabule ngokwenzeke ku-Ona. Ngesikhathi u-Ona noFunani bezama ukubuyisana ngenxa yemisiko, uNomsa unawakhe amaqhinga mayelana nengubo ka-Ona. Icebo likaNkosi liphelelwa isikhathi. UNkosi uba nesicelo esinzima. UMolefe noDorothy ekugcineni baba nesivumelwane. UFaith utshela uFunani izindaba ezithusayo.
THE QUEEN
Ngo-9 ebusuku kwiMzansi Magic
UBHAMBATHA (Khumbuza Meyiwa) uyazibuza ukuthi ngabe uthathe isinqumo esiphusile yini. UBrutus uthatha isinqumo esithusa umndeni wakhe nokaHarriet. Ukubuya kukaVuyiswa kuza nezinto ezivelayo nebezingalindelekile eziphuma kuGeorgina. Ekugcineni uxolo luba khona phakathi kwabakwaSebata nabakwaKhoza. UGeorgina uqeda injabulo kaVuyiswa.
DIEPCITY
Ngo-8.30 ebusuku kwiMzansi Magic
UBONGA ufuna uThandiwe atshele uNox mayelana noPatrick. URingo noKhelina baba nengozi. ULungile usindiswa ngu-Osama. UThandiwe ufuna ukuthola omunye umsebenzi, ayeke ukusebenzela uNomaweni. UKhelina uyaxolisa kuRingo mayelana nengozi futhi uRingo umtshela mayelana necebo lakamuva akade enalo ngemoto.