AKAZOTHATHELWA zinyathelo umsakazi weMetro FM futhi oyijaji kuma-Idols SA, uSomizi Mhlongo, ngemuva kokuphumela obala ngobudlelwano bakhe neqembu lepolitiki, iNkatha Freedom Party (IFP).
Ekhuluma emcimbini wokukhetha unobuhle kuMiss King Cetshwayo Municipality, eRichards Bay, uSomizi wazwakala ethi "Mina Somizi Mhlongo, ngiyiNkatha Freedom Party. Anginandaba nawe. Ngonyaka ozayo ngila. Noma yini ethinta iNkatha, ngila. Ningakhohlwa. Ngajika nje, ningijikele nani. Siyavumelana? Angazi nina, mina ngiyovotela iNkatha."
Oyisikhulu esiphezulu kwaSABC, ophikweni lwezokukhangisa, uNksz Mmoni Seapolelo, uthe abakugqizi qakala okwashiwo nguSomizi ngoba wayengenzi umsebenzi awuqashelwe yiSABC.
"I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi uSomizi Mhlongo wayezikhulumela yena siqu emcimbini noma enkundleni engahlanganise lutho neSABC. Ngakho asinakho ukuphawula," kuphawula uNksz Seapolelo.
Okhulumela abakwaM-Net (okuyinkampani esingethe ama-Idols), uPortia Hlongwane, uthe bathanda ukukugcizelela ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuzibandakanya nanoma yiliphi iqembu lepolitiki ngokuvunyelwa wuMthethosisekelo, ngisho noSomizi.
UPortia uthe abakubheki ukuthi umuntu unobudlelwano naliphi iqembu lepolitiki uma bemqasha.
"Kusemqoka ukwamukela ukuthi ukuzibandakanya kwakhe neqembu lepolitiki akunamthelela emsebenzini wakhe wokuba yijaji ohlelweni lwethu."
Eqhuba uPortia, uthe bona njengenhlangano abazihlanganisi nezindaba zepolitiki futhi abazimisele ngokucubungula ukuthi umuntu abamqashile weseka yiphi inhlangano yepolitiki.