AKUPHELILE ngomlingisi odabuka eMlazi, uSiyabonga Twala, ezinhlelweni zethelevishini. Njengoba kusanda kuvela izindaba zokuqedwa komdlalo abelingisa kuwo kwiM-Net iLegacy, uSiyabonga akazobhuquza ekhaya esathungathana nomsebenzi.
UPhil Mphela ozazi zonke ezenzeka kwithelevishini, udalule ukuthi uSiyabonga ubuyela emdlalweni okhuza ibuya kuMzansi Magic iThe Republic ngonyaka ozayo lapho elingisa khona nezinye izingwazi okubalwa kuzo uHlomla Dandala, Florence Masebe, Seputla Sebogodi, Masasa Mbangeni noDJ Thuli P. Kwenzeka lokhu nje kushaqise abantu abaningi ukuphela kweLegacy ekubeni ibophele izinkakha zabalingisi okukhona kubo uSiyabonga Twala, uDon Mlangeni Nawa, uLeeandra Reddy, uMichelle Botes, uKgomotso Christopher noLunga Shabalala.
Izindaba zokuqedwa kwalo mdlalo isigubhukane ziqinisekiswe yisiteshi esisakaza iLegacy nangabadidiyeli bawo. Yomibili le midlalo ididiyelwa yinkampani esizakhele udumo ngokukhiqiza imidlalo eminingi okukhona kuyo iThe River, Gomora neGiyani: The Land of Blood.
Ngokwesitatimende sikaNomsa Philiso, oyinhloko yezinhlelo kwiMultichoice Group, lesi siteshi sithathe isinqumo sokumisa ukusakazwa kweLegacy ngenxa yokuthi ababukeli bayo bancamela imidlalo esheshe ifinyelele esiphethweni kunewundendende.
Uthe wucwaningo lwabo olubaholele ekugculiseni izifiso zababukeli babo.
"Yize iLegacy iwuhlelo olungungqaphambili kodwa amakhasimende eM-Net 101 akhombisile ukuthi manje asefuna imidlalo enqunyelwe isikhathi kunedonsa isikhathi eside. Impumelelo yamaqhinga ethu ngezinhlelo ezivutshelwe kuleli ilele ekugculiseni amakhasimende ethu ngezinhlelo afuna ukuzibuka kumathelevishini awo," kusho uNomsa.
Abakhiqizi beLegacy iTshedza Productions, uPhathu Makwarela nozakwabo uGywdion Beynon, babonge kakhulu kwiM-Net 101 ngengqayizivele yethuba abanikezwe lona.
"Ukusebenza nesiteshi iM-Net 101 bekuhlale kuyiphupho lethu njengenkampani futhi siyabonga kwishaneli ngokusisekela nangenkuthazo yabo ukuze kuphile iLegacy. Bonke ababhali bethu, ithimba labadidiyeli nelabalingisi bebezinikele kulo msebenzi. Sincoma iMultichoice Group ngokuqhubeka nokweseka imidlalo ekhiqizwe kuleli futhi sikubheke ngamehlo abomvu ukuphinda sisebenze nabo nangenkathi ezayo," kuphetha isitatimende sabeTshedza Productions.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi abadidiyeli bazogcina ukuqopha iLegacy ngoFebhuwari 2022 bese ababukeli bagcine ukubuka iziqephu zalo mdlalo ngoSepthemba wangonyaka ozayo.