INTOKAZI edume ngokuzivocavoca, uSbahle Mpisane, ithi ayizimisele ngokungena igamanxe kwezokulingisa.
USbahle ukusho lokhu emuva kokubonakala kwiMbewu:The Seed ekhonjiswa kwi-e.tv ngo-9.30 ebusuku phakathi nesonto.
Khona ubengadlali umlingiswa owethiwe igama kodwa ufike enguye kukhona afuna ukuzokwethula endaweni yobumnandi yakhona, i-Emsamo.
Ekhuluma neSolezwe uSbahle onabalandeli abangaphezulu kuka-2 million kwi-Instagram, uthe ubemenyiwe nje ukuthi azovela isikhashana.
"Cha, angiyena umlingisi. Ngiyazi ubuzelani kodwa angiyena umlingisi. Bengimenywe ukuzovela isikhashana, akukho okungaphezu kwalokho. Nginezinye izinto engizenzayo, ukulingisa akuyona into engifuna ukuyenza. Kube yisikhathi esimnandi khona ukuqopha," kusho uSbahle ngamafuphi.
Uthe kuningi akwenzayo kodwa ngeke akwazi ukukudalula okwamanje.
Uthe unezinto azenza ukuchitha isizungu njengokuba uDJ kwazise wake wabonakala esikhangisweni somcimbi, kuthiwa uzodlala khona.
"Yinto engiyikhonzile nje njengemidlalo, akuyona into etheni. Ngiyawuthanda umculo futhi ngiyakwazi ukudlala ngemishini yami, akukhona ukuthi ngifuna ukungenisa emakilabhini."
Imbewu isijwayele ukulanda osaziwayo bezolunguza khona njengoba phambilini kwake kwabonakala umculi kamaskandi uKhuzani nosomahlaya uFlymotion.