UMLINGISI odlala indawo ephambili emdlalweni oke wasusa umsindo ngenxa yeziqephu zawo zocansi, uthi akaziboni ejola noma elala nomuntu omdala kunaye.
Engxoxweni neSolezwe ngeSonto, uZamani Mbatha odlala indawo kaKhaya kwiThe Black Door ekhonjiswa ku-e.tv ngo-9.30 ebusuku phakathi nezinsuku, uthe kwaqale kwanzima ukuqopha ezinye zeziqephu zomdlalo.
“Ekuqaleni bekunzima ngoba bese ngizifake ngizifakile kule nto. Kodwa ngoba ngazitshela ukuthi ayikho into eyongehlula uma ithinta umsebenzi wami futhi ngoba ngingumuntu oyithandayo into emjulukisayo,” kusho uZamani.
Uthe kodwa lokhu ukugcina emsebenzini, empilweni yakhe yangempela akusoze kwenzeka ukuthi alale nomuntu okhulile kunaye.
Uveze ukuthi yize umndeni wakhe umeseka kuzona zonke izindawo azidlalayo kodwa unina akawubukeli lo mdlalo ngenxa yezinye zeziqephu ezimnengayo, njengalapho ngilala nontanga yakhe.
“Wayeyibuka isanda kuqala njengayo yonke imidlalo engivela kuyo kodwa wagcina ethathe isinqumo sokuthi lona, uzomeqa. Abanye abanankinga bayawuthanda futhi bayawubukela kodwa babuye bangingcofe ngokuthile engikwenza kuwona,” esho ehleka uZamani.
Mayelana nokuba ngumlingisi oyintandokazi kulezi zinsuku njengoba bebaningi abadidiyeli bemidlalo abafuna ukusebenzisana naye, uthe lokho akumngeni ekhanda kodwa ukuthatha njengesibusiso asesisebenzele kanzima.
Ebuzwa ngombono wakhe ngokudayisa ngomzimba okuyinto eyenzeka emdlalweni uthe, ngokwakhe wonke umuntu unelungelo lokwenza nomayini ngempilo yakhe.
“Ngisho njalo ngoba kufana nobugebengu. Abanye babenzela ukondla imindeni yabo yize kungeyona into engingayigqugquzela. Yingakho kunoma yisiphi isimo akumele ube nombono kakhulu ekubeni ungasazi isizathu esenza umuntu enze lokho akwenzayo,” usho kanje.
Uveze ukuthi phakathi kwabalingisi abukela kubona kubalwa uMduduzi Mabaso nodadewabo, uNomzamo Mbatha.
Uthe eminyakeni emihlanu ezayo uzibona eseHollywood, elandela ezinyathelweni zikadadewabo.