I-.etv ayithi vu ngomdlalo omusha okuthiwa uzovala isikhala seRhythm City edlala nsuku zonke.
IRhythm City ekhonjiswa ngo-7 ebusuku phakathi nesonto, kwamenyezelwa ukuthi iyaphela ngoJulayi 16, emuva kweminyaka engu-13 ikhona.
Ngokuthola kweSolezwe izinhlelo zomdlalo ozongena esikhaleni sayo ziya ngokuvuthwa njengoba inkampani ezowuqopha isikhona.
"Ikhulunyelwa phansi eyomdlalo omusha obizwa ngeHouse of Zwide. Nakuba abaphathi beBomb Production bengakafuni ukuphumela obala kodwa sekutholakele ukuthi sebethole ikhaya elisha kwa-e.tv njengoba kuthiwa iHouse of Zwideizongena esikhaleni seRhythm City," kusho umthombo.
Uqhube wathi: "Njengamanje sebeqalile ukufuna abalingisi abasha njengoba befuna ukunikeza ithuba abantu abangaziwa nasebemnkatshubomvu kwezokulingisa."
Uthe akukaqinisekiswa ukuthi ibaphi abalingisi kodwa kunezingqalabutho zeSibaya ezizofudukela kwiHouse of Zwide ukuyoshukumisa kanjalo nabasebenzi.
Inhloko yemidlalo evutshelwe eNingizimu Afrika yakwa-e.tv uHelga Palmer, ithe okwamanje ngo-7 basagxile kwiRhythm City kuze kufike isikhathi sokuphela kwayo.
"Siyabajabulela ababukeli ukuthi bazi ukuthi yini elandelayo kodwa isimemezelo esisemthethweni ngokuthi yini ezongena esikhaleni seRhythm City, sizosenza ngokuhamba kwesikhathi," kusho uHelga.
Ukuphela kweRhythm City kuze emuva kwesimemezelo sokuphela kweSibaya kuMzansi Magic.
KwaSABC 2 ngakolunye uhlangothi khona kuncishiswe isikhathi okudlala ngaso iMuvhango njengoba isidlala izinsuku ezintathu ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.