Nokubongwa Phenyane
Kulo mcimbi kusuke kuhlonishwa imidlalo ehlukene ekhonjiswa kwithelevishini manje.
Bazobe bememezela abawinile kulo mcimbi njengoba uzokhonjiswa usuqoshiwe futhi uzobe ungenababukeli ngenxa yemigomo yokumvalelandlini.
Abazowina kuwona bayobe sebebonga ukuthola indondo ngokukhonjiswa kwe-video eqoshiwe.
Abahleli bomcimbi bamemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uzobe wethulwa yilabo saziwayo.
“Sicela abantu bahlale phambi kwamathelevishini abo njengoba labo saziwayo bezokwenza wonke umsebenzi othinta lezi zindondo kuSABC. Ngeke kubonakale bona bodwa kodwa kuzonandisa nabaculi abahlukene bakuleli izingoma zabo ezishisa izikhotha,” kuchaza isitatimende esikhishwe ngabahleli bomcimbi.
Kulo nyaka umdlalo omusha iGomora ubambene nomdlalo obujwayele ukuzihambela wodwa ngokuqokwa emicimbini efana nalena, iThe River.
Yomibili le midlalo iqokwe eminxeni engu-12.
Umsunguli wemiklomelo uWinnie Ntshaba ngesikhathi kwethulwa abaqokiwe, waveza ukuthi kulo nyaka bathole izicelo eziningi zezinhlelo nemidlalo ebifuna ukungenela.
“Bekuwumqhu-delwano onzima kulo nyaka, izicelo zikhombise ukuthi kufanele kubonakale ukuthi ngubani okhonyayo kulo nyaka emidlalweni ehlukene. Siyababongela bonke abaqokiwe kulo mcimbi, okumele bakwazi abazodla umhlanganiso wukuthi basebenzile ngoba bekunzima kakhulu,” kuchaza yena.