Nokubongwa Phenyane
ABANIKAZI bohlelo lomculo ama-Idols SA balaxaze inkampani ekhiqiza umculo iGallo Records, asebesebenzisane nayo iminyaka ekuqopheni abaculi abawinayo.
Isiteshi esisakaza lolu hlelo sikhiphe isitatimende sicacisa ngokuhlukana kwaso nenkampani, saveza ukuthi kusuka manje sebezosebenzisana neKalawa Jazmee Records.
Kulesi sitatimende abachazanga ukuthi yini eqede ubudlelwano beminyaka engu-15.
UNomsa Philiso ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwaM-Net, uveze ukuthi ubudlelwano babo neKalawa Jazmee Records buzoqala uma kuphela le sizini ekhonjiswa manje.
“Le nkampani izobheka zonke izidingo zomculi ozowina. Isivumelwano sethu nale nkampani ukuthi sikhulise amaciko ethu asuke esohlelweni. Sijabule kakhulu ukuba nalesi sivumelwane. Sebekhombise iminyaka ukuthi bayazinikela ekuthuthukiseni intsha kunoma yiluphi uhlobo lomculo kuleli. Asingabazi ukuthi ozodla umhlanganiso ohlelweni uzozizwa esekhaya futhi kulesi sitebele asingabazi ukuthi uzothola ithuba lokuzakhela igama endimeni yomculo.”
Uthe: “Ngeke singawubongi umsebenzi weGallo Records, eyenze isiqinisekiso sokuthi iqeqesha abaculi abawine kulolu hlelo eminyakeni edlule futhi baphumelele.”
IKalawa eyaqalwa ngama-90s, inabaculi namaqembu ahlukene adumile okubalwa iBoom Shaka, Bongo Maffin, Mafikizolo, Thebe, Trompies, Busiswa, Zonke, Tamara Dey nabanye.
U-DJ Oskido ongomunye wabaphathi bayo, uthe bajabule kakhulu ukuthola leli thuba.
“Okusijabulisa kakhulu ukuthi sobe sisebenza nentsha esanda kungena kulo mkhakha nezochuma ngaphansi kwethu. Isitebela sethu sesisize intsha eningi yafeza amaphupho ayo, sikubheke ngabomvu ukuqhuba umsebenzi wethu. Ozowina siyathembisa ukuthi somsusa ekubeni umculi nje simenze usaziwayo ohlonishwayo kuleli,” kuchaza * -Oskido.
Uthe ozowina uzosebenza nabaqondisi besitebela okukhona kubo uMandla “Spikiri” Mofokeng, Bruce Sebitlo, Zynne “Mahoota” Sibika no-Emmanuel “Mjokes” Matsane.