ABALINGISI okukhona kubo uLemohang Tsipa noSamkelo Ndlovu bakubalingisi abasha abazobonakala ngesizini yesibili yomdlalo iReyka.
Isizini yesibili yalo mdlalo izoqala ngonyaka ozayo kwiM-Net (101).
Kuyona umlingisi ohamba phambili uKim Engelbrecht usashaya ibuya njengomlingisi ophambili nozoqhubeka nokubheka umbulali ezimobeni zaKwaZulu-Natal.
UNomsa Philiso wakwaM-Net uveze ukuthi lo mdlalo uyabuya ngoba wenze kahle kakhulu kuleli nakwamanye amazwe oke wakhonjiswa kuwona.
“Ngokujwayelekile eminye yemidlalo yakuleli uma ikhonjiswa phesheya kwezilwandle yenza kahle kodwa iReyka ibalwa neminye phesheya eyenza kahle kakhulu emazweni ekuwona. Sijahile ukubona ukuthi isizini yesibili izoluthatha ilubeke kuphi udaba lombulali obefunwa ezimobeni, njengoba efuneka ngenxa yokuqhubeka kokutholakala kwezidumbu zabesifazane. Namanje sizothatha isinyathelo sokuthi uma usuqalile ukukhonjiswa kuleli ube uthola indawo kwamanye amazwe,” kusho uNomsa.
Uthe kule sizini ngeke nje babheke isihloko sikamalugaju obulala abantu abatholakala ezimobeni kodwa bazobheka nezinye izihloko.
“Ukuqopha lo mdlalo kuwumsebenzi omkhulu odinga sonke isikhathi, kodwa ke kulokhu uReyka uzobonakala esesebenza esiteshini samaphoyisa esisechwebeni nalapho ezohlangabezana khona namacala okushushumbisa, awabantu abadayisa umzimba futhi kuphinde kuqhamuke nelinye icala elithinta umalugaju omunye osolwayo emphakathini. Izinkinga zakhe ke zangesikhathi esakhula nazo zizogqama kakhulu njengoba efuna kuboshwe umuntu owamthumba esemncane,” kuchaza yena.
Uthe lo mdlalo kulo nyaka uwine izindondo ezine emcimbini amaSouth African Film and Television Awards (SAFTA’s) wase uqokwa eminxeni emibili emcimbini waphesheya kwezilwandle ema-Emmy Awards la ubuqokwe kwiBest Drama nakwiBest Actress.
UKim uveze ukuthi ujabule ngokubuya kwalo mdlalo futhi usekubheke ngabomvu ukubona ukuthi ababhali bawo bazowuthatha bawubeke kuliphi izinga.
Khonamanjalo kubuya isizini yesibili yomdlalo iLioness kusona lesi siteshi kusuka ngoJanuwari 26.