ONGOTI bazoluleka abasebudlelwaneni bezothando ohlelweni olushaoluthi Ezomshado oluzoqala kuMzansi Wethu ngo-9 ebusuku ngoJanuwari 15.
Lolu hlelo luzokwethulwa nguBusisiwe MaCele Mseleku noThobile MaKhumalo Mseleko abadume ngohlelo Uthando Nesithembu. Laba bashade noMusa Mseleko osephenduke umethuli wezinhlelo zethelevishini.
UMaKhumalo noMaCele noNokukhanya “MaYeni” Mseleku basanda kuba nohlelo olukhuluma ngobudlelwano kuSABC 1, Igumbi Lamakhosikazi.
Ezomshado kuthiwa zizobe zisiza abashadile nasebethembisene umshado ababhekene nezinkinga. Inhloso yalo wukwakha ubudlelwano obuphumelelayo.
UShirley Adonisi weM-Net uthe izinhlelo zalolu hlobo zihlale zizinhle eziteshini zabo kodwa kumele zihambisane nabantu ukuze zishaye khona.
“Ukuba nohlelo olusha oluveza into yangempela kuMzansi Wethu oluhlanganisa izilomo zethu ezimbili kube yinto ekahle ikakhulukazi uma ubheka isihloko nokuthi laba besifazane ababili bayaziwa ngokuba yizishoshovu zobudlelwano ohuhamba kahle. Sesijahe kabi ukuthi ababukeli bethu bazolwamukela kanjani lolu hlelo,” kusho uShirley.
Kuthiwa laba bazobe bekhuluma ngezihloko abantu abazaziyo ezithinta inhliziyo. Ngeke kugcinwe ngokulalelwa abakushoyo kuphela kodwa kuzoba nongoti abazodingida ngezinkinga zezithandani bese beyabaluleka ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano babo.
“Njengoba isibalo semishado emisha sehla namazinga okuhlukanisa ephezulu, uhlelo olugxile ekusizeni labo abafuna ukuhlenga ubudlelwano babo, lufike ngesikhathi esikahle.”