IZODLISA ngamaciko aqhamuka emazweni ahlukene ase-Afrika, ifilimu yase-USA, edolobheni laseHollywood okukhona kuyona uThuso Mbedu njengomlingisi noLebo M, emkhakheni wezomculo.
Kule filimu uThuso ulingisa indawo kaNawi, okungowesifazane olwela amalungelo abantu futhi ofuna ukubakhipha ebugqilini.
Ifilimu ethi The Woman King kuzophinde kubonakale kuyona umlingisi uLupita Nyongo, ozobe elingisa indawo ephambili.
Le filimu isuselwe ezigamekweni zakudala ezazenzeka edolobheni laseThe Kingdom of Dahomey, eseBernin ngeminyaka yo1918 no1919.
Akuvezile ngayo uLebo M, uthe kuyajabulisa ukuthi le filimu ishuthelwa kuleli, nokuyinto engabanga nzima uma kuthiwa akeze nomculo othinta yona.
“Ngibe uphrojusa wokuqala ukuthola ithuba lokuthi ngenze lo msebenzi selokhu kwaqala igciwane leCovid. Izingoma ezinhlanu ezikhona manje zibheka emuva lapho le filimu isuselwe khona. Okunye ngazo ziqhakambisa ikhono lamaciko esinawo kuleli. Ukuba yingxenye yethimba eliyihlanganisayo kusho lukhulu kimi futhi ngizizwa ngithobekile. Lokhu kusivumela ukuthi senze umculo ozothinta le filimu kodwa nozoqinisekisa amasiko ethu ngendlela esixoxa ngayo le filimu,” kusho uLebo M.
Uqhube wathi kule filimu okunye okuzophinde kubonakale izinto esezilwelwe kakhulu abantu abahlukene emhlabeni.
Uthe ukungabukelwa phansi komuntu wesifazane kuzogqama kule filimu.
“Abesifazane abamnyama abanesibindi bazobonakala bekhuphukela ezikhundleni eziphezulu futhi beba abaholi. La mazwi avezwe omunye wophrojusa bale filimu uViola Davis, nami impela ngiyavumelana nawo. Uma le filimu siqeda ukuyisebenza nakanjani akumele ikhethe amazwe kumele iye kuwona wonke emhlabeni, ngijabule kakhulu ukwenza umculo kuyona,” kuchaza uLebo.