Nokubongwa Phenyane
ABACULI baKwaZulu-Natal, uKhuzani noSjava, banxusa abantu baseKZN ukuthi bavotele insizwa ekuma-Idols SA, uMr Music.
UMr Music, igama lakhe okunguLungisani Mthethwa, waKwaMbonambi, eRichards Bay, kubukeka izinto zimhambela kahle ngoba namajaji ayayincoma indlela acula ngayo.
Kuma-Idols nguyena nentokazi yaseNewlands East, uNdoni, abamele iKZN.
UKhuzani izolo ezinkundleni zokuxhumana ukhiphe i-video abenxusa kuyo abantu ukuthi bavotele uMr Music.
“Ngiyanicela sizwe sakithi ngicela wonke umuntu othanda umculo ukuthi anike uxhaso uMr Music ngoba sonke sizwile ukuthi ungomunye wabakuTop 10 futhi usaqhubekela phambili. Ngicela ukuthi siqhubeke nokumvotela enombolweni yakhe ngoba le ndondo kumele abuye nayo esifundazweni sakithi. Akekho ongazi ukuthi iKZN yisifundazwe sezindondo,” kusho uKhuzani.
Uthe abantu mabathumele amavoti bangakhathali.
“Ngiyacela njengeciko ukuthi kungagcini ngami ukumkhankasela kodwa siphose amavoti. Ngiyacela nakunina sizwe samabhinca ukuthi nenze enidume ngakho nimvotele umfana.”
USjava ekhasini lakhe kuTwitter unxuse abantu ukuthi bavotele uMr Music.
“Ngiyacela bakwethu ukuthi nimvotele ningakhathali uMr Music,” kubhala uSjava.
Neqembu i-IFP, ngomlomo woMnuz Mntomuhle Khawula, linxuse ukuthi bavotelwe ngoba sebehambe ibanga elide.
“Siyacela kuwo wonke umuntu waKwaZulu-Natal ukuthi avotele abaculi bobabili. Banethalente elimangazayo, ithemba lethu lilele kubo nentsha iyabukela kubo.”
Ekhuluma neSolezwe emasontweni adlule uMr Music wathi noma engawinanga kodwa abantu mabazi ukuthi ubizelwe emculweni.
Wathi uzoqhubeka nokucula ngoba kuzobe sekulula abantu sebebazi ubuso bakhe.
Kuleli sonto kuphume uBe elandela uSuccedor owaphuma kuqala kuTop 10.