WILLEM PHUNGULA
UMZO Gumede odume ngelikaMzokoloko uphumele obala okokuqala ngokususwa kwakhe ohlelweni lwantambama kuKhozi FM nabelusakaza noMroza Buthelezi.
Uthulule konke engxoxweni ekhethekile abe nayo naleli phephandaba. Uqale ngokutshela Isolezwe ukuthi akuphelile ngaye kwezokusakaza.
Kusale imibuzo ngesikhathi Ukhozi FM ludedela uhlu lwabasakazi ngasekuqaleni kwenyanga lingaveli igama lalo msakazi obesakaza uhlelo lwantambama nsuku zonke phakathi kuka 3 kuya ku 6 ngokubamisana noMroza Buthelezi.
Kubuye kwavela ukuthi usezoba ngumdidiyeli wohlelo lukaNongcebo McKenzie olungena ngo 8 kuya ku 12 ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine, nokuyinto aseyenza manje.
Uphinde wanikwa nohlelo lwangoMgqibelo ebusuku ngo 9 kuya ku 12. Engxoxweni abe nayo naleli phhephandaba uMzo uthe phansi amaphaphu ngoba akukapheli ngaye futhi uzokhuza ibuya ezinhlelweni ezinkulu kulo msakazo.
Uthe ukukhishwa kwakhe ukuthathe njengesibusiso ngoba ubevele esidinga isikhathi sokwenza ezinye izinto empilweni njengokufunda njengoba kulo nyaka enza izifundo zeBusiness Operations Management e-University of Cape Town, azenza ngasese futhi uthuthukisa nolwazi lokuba yiTechnical Producer enyuvesi yaphesheya afunda kuyo ngohlelo lwezinkundla zokuxhumana zesimanjemanje.
"Kuyiqiniso abantu bese becabanga ukuthi kuphelile ngami. Ngesikhathi ngingaveli ohlwini lwabasakazi abazokwenza izinhlelo ucingo lwami lwakhala kwaze kwasa abantu bebuza ngekusasa lami.
Abanye bazifikela mathupha kwami bezongicela ukuthi ngijoyine imisakazo yabo kodwa ngabatshela ukuthi ngisazizwa ngisekhaya oKhozini," kuchaza uMzo.
Uthe ngokwazi kwakhe alukho uhlelo oluncane kuKhozi wathi uzosebenza kanzima ukukhulisa uhlelo lwakhe okuyinto engamenza abuye ezinhlelweni ezithathwa njengezinkulu.
Lo msakazi oseneminyaka engu-24 kwezokusakaza ulandwe Ukhozi esakaza uhlelo lwasekuseni kwiGagasi FM ngonyaka odlule, lwamjikijela kolwantambama.
Yize bekukhona abebegxeka indlela abesakaza ngayo. nabaphathi bamgudluza kulolu hlelo kodwa yena uthi wenze ubulungiswa futhi uluphathe kahle. Eminye imibono ithi sekuwumkhokha ukuthi abasakazi abasuka eziteshini ezinkulu ezisakaza ngesiNgisi bafike bangahlali kuKhozi. Eminyakeni edlule uKhozi lwalanda uDJ Sbu owayekwiYFM kodwa wahlala unyaka owodwa. Nongasekho emhlabeni uChilli M naye wafika nesasasa kodwa naye wahamba.