UKUZINIKELA nokuzimisela yikona akholwa ukuthi kumbeke ezingeni lokuthi aze aqokelwe emcimbini wezindondo uSlindokuhle Mpontshane, waseNgwavuma osebenzela esiteshini iMaputaland FM.
USlindokuhle uqokwe emunxeni weBest Radio Presenter, emcimbini iLive Your Dream Awards(LYD), ozoba seThekwini ngoNovemba 19.
Le ntokazi eqede u-matric ngo-2014, esikoleni eMtwazi Combined, iveze ukuthi yayifisa ukuba uthisha kodwa izinto zangahamba ngendlela eyayifisa ngayo.
“Izinto azibanga lula empilweni kodwa ukuzibona ngila ngikhona manje kuyangijabulisa kakhulu. Ngiyaqala ukuqokwa emcimbini wezindondo futhi ngiyafisa ukuthi ngiyithole njengoba umsakazo uyinto engiyithandayo futhi engiyenza ngokuzinikela. Ekusakazeni angingenanga ngoba ngithanda umsakazo, kwaqhamuka ithuba ngangaliyeka ngalibamba ngezandla zombili,” kusho uSlindokuhle.
Uthe emsakazweni iMaputaland ungene ngemuva kokuzwa ukuthi kufuneka abazosebenza ekupheleni kuka-2018, abazoba yitoho.
“Ngahamba ngayozama inhlanhla ngoba ngangikholelwa ekutheni kumele uthathe noma yiliphi ithuba eliqhamukayo. Bafike bangifaka emkhakheni wezokukhangisa isiteshi. Kwahamba isikhathi ngathola ithuba lokungena embhobheni. Nami ngamangala ngibona ukuthi kanti nginekhono lokusakaza. Kuhambe isikhathi ngakujabulela kakhulu ukuba ngumsakazi futhi ngakuzwa ngikuphila ngaphakathi. Abaphathi bami ngiyohlala ngibabonga ngokuvusa into engangingacabangi ukuthi nginayo kimina,” kuchaza yena
Uthe ngemuva kwezinyanga eziyisithupha emsakazweni kwaphela inkontileka futhi kwaba buhlungu esehamba.
Uveze ukuthi wathola omunye umsebenzi, kodwa ngonyaka odlule wezwa kuthiwa kufuneka umsakazi ozoqashwa ngokuphelele, wafaka isicelo bamthatha.
Kulo msakazo uthe usakaza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku, olungena ngo-6 kuya ku-10, iRise and Shine Breakfast Show.
Uthe uyafisa ngelinye ilanga ukuzibona esebenzela iziteshi ezinkulu njengoba ebukela kakhulu kuDudu Khoza.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumela i-email [email protected]