INKAKHA kwezomculo wekwaito futhi eyazakhela udumo emhlabeni ngokudidiyela umdanso kwividiyo kaBeyoncé Knowles yengoma ethi Run The World, uVukani Khoza, seyingene ekulingiseni.
UVukani waseNdunduma, eClermont ulingisa indawo kaNjenje efilimini esihloko sithi Piano Love.
"Ngidlala indawo yomphathi wenkampani yomculo." Kule filimu ekhonjiswa kuNetflix, lo mculi wodumo kwiSkomplazi ulingisa nomrepha uKwesta nomdansi uBontle Modiselle. UVukani akagcinile lapho kodwa uzobuye abonakale emdlalweni owuchungechunge okhonjiswa phakathi nezinsuku, Isiphetho The Destiny.
"Kulo mdlalo ngidlala indawo yesigebengu esibizwa ngoPhara." UVukani uthe akathathi amashansi ngokulingisa kodwa usuka kude nakho.
"Ngangivele ngilingisa nangasekhaya, emidlalweni yeshashalazi futhi ngenze imisebenzi eminingi yase-theatre."
UVukani uqale engumdansi kangangoba waze wasungula inkampani i-African Child ngo-1998 ngenhloso yokuvumbulula ikhono.
Ngo-2000 yena nozakwabo kwiSkomplazi, uZolani balifulathela iTheku, babhekisa amabombo eGoli, ngenhloso yokuthungatha amadlelo aluhlaza.
UVukani owavumbulula ikhono likaMsawawa ngaphambi kokuba ngumdansi kaZola 7 Dlamini. Yena noZolani basungula iSkomplazi esashisa izikhotha ngamanoni athi Sikhaba Amabhodlela nelithi Zulu Love Letter (kaMxolisi Mtshali ongasekho).
I-African Child ikhiqize inqwaba yabadansi ababambe iqhaza kumavidiyo ezingwazi zabaculi abaningi okubalwa uBeyoncé Knowles, Davido, AKA, Cassper Nyovest nabanye. Ngo-2008 abadansi bakaVukani bazungeza i-UK nge-Afrika Afrika futhi banandisa kwi-Orange AFCON Cup 2013. Kulezi zinsuku ushisa izikhotha ngezingoma ezithi Siyabanika, Shukela, Shelela, Gong Gong nezinye.