UMSAKAZI woKhozi FM ukhuza amakholwa akhonza ebandleni lamaNazaretha angaphansi kohlangothi loNyazilwezulu, ambize ngephekulazikhuni njengoba ebenyukele entabeni iNhlangakazi, namakholwa aseKuphakameni.
Amakholwa aseKuphakameni enyukele entabeni iNhlangakazi kusukela ngoJanuwari 2 kuya kumhla ka- 9.
UZimiphi "Zimdollar" Biyela ugxekwe ngemuva kokufaka ividiyo yakhe kwiTikTok ngesikhathi ebuya entabeni namaNazaretha akhonza nawo eKuphakameni.
Kwividiyo ubonakala ecula nawo ngesikhathi bebuya entabeni. Ngemuva kokuthi lo msakazi egxekwe kakhulu ngabebephawula ngokukhonza kwakhe eKuphakameni, uphinde wafaka enye ividiyo ekhala ngamakholwa, ethi awakukhombisi nhlobo ukukholwa kwawo.
Kuyo uzwakala etshela abantu ukuthi udumele kakhulu ngemuva kokufunda izinkulumo zabazalwane abakhonza eBuhleni, abambiza ngehlubuka njengoba ekhonza eKuphakameni.
Uthe kuyamxaka ukuthi kungani la makholwa ekhohlwa yinto ewahlanganise ebandleni lawo, bese enaka amanye amakholwa akhonza uNkulunkulu wawo.
"Mina njengoba ngingakhonzi uNyazi kanjalo naseBuhleni kodwa ngikhonza eKuphakameni, nginezizathu zami zokuthi kungani ngikhonza khona (eKuphakameni).
“Yingoba mina konke enginakho, kusukela ebantwaneni, abazali, umndeni, umsebenzi, imali, izimoto enginazo, imizi nokuphila enginakho ngakunikwa nguShembe. Angikunikwanga wuNyazi. Nginezizathu zami njengoba ngikhonza uShembe waseKuphakameni.
“Nginezizathu zami, okuthe noma iningi lihamba liya eBuhleni, mina ngasala eKuphakameni. Angizikhethelanga nokusala eKuphakameni, wuShembe owangikhetha ngezizathu zakhe. Yini nibone ububi kimi uma ngikhonza uShembe owangibiza futhi owangithanda. Wubani ongeke amkhonza uShembe omenzele zonke lezi zinto," kubuza umsakazi.
Eqhuba weluleke amakholwa oNyazi ukuthi mawahlukane nomkhuba wokwahlulela amakholwa akhonza ekuPhakameni, abawabiza ngamaphekula.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akahambisani nhlobo nokwenziwa ngamakholwa oNyazi futhi akwenzayo kukhomba ukuthi awaqondisisi ngenkolo.
"Ukwanda kwebandla likaShembe yisiphrofetho esaqhamuka nophrofethi uBhomela owaveza ukuthi iyoba khona inkonzo yoShembe abaningi. Siyakuhlaba futhi siyakuhlikiza ukuklwebhana kwamakholwa.
“Umuntu akame lapho ekhonza khona. Kunani uma uZimdollar ekhonza eNcoyincoyi? INhlangakazi intaba engcwele kaBhombela," kusho uMncwabe.
Imizamo yokuthola uZimdollar ayiphumelelanga, imiyalezi athunyelelwe yona nge-sms nangoWhatsApp kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphenduli.