UMCULI wowokholo uBabo Ngcobo uthe ngabe ukude kabi ngempilo ukube akalibalanga wutshwala nezintombi.
Lo mculi ubeqwashisa abazalwane ngobubi bokuthanda izinto zasezweni kunezaseZulwini ngesikhathi kwethulwa ibandla elisha elisungulwe ngumphathi weSiyaviva TV 1 neMasiqoqane Albinism Foundation, uMnuz Andile “MC Pholobas” Ngcobo, Umkhumbi KaNowa Unity of God eSandasonke Primary, eNtuzuma muva nje.
"Mina ngibuphuzile utshwala futhi ngaqonywa yizintombi."
Uvumile ukuthi utshwala nezintombi kumnandi kangangoba uze uzakhele wena ngamehlo engqondo intombi enhle.
"Uyifake ama-hips namehlo anjengaweShayina ekubeni ingenawo."
Uthe uma sewuke walala nayo leyo ntombi, igcina seyifana nembongolo. Uthe kumsizile ukukhonza uNkulunkulu ngoba akasenayo leyo nkanuko nothando lotshwala.
Abazalwane bathelekebembethe ezimhlophe, okuwumbala ogqokwa ngabakhonza kuleli bandla.
UMC Pholobas uthe inhloso yakhe ngokusungula leli bandla ngukuhlanganisa abazalwane bamahlelo ahlukahlukene. Uthe kuzobe kungacwaswa muntu kuleli bandla njengoba kuzobonakala abefundisi abasindisiwe, izangoma nezinyanga.
Eqhuba uthe kuzobe kungalandelwa izimfundiso zeBhayibheli kodwa kuzobe kuqhakanjiswa imvelo kaMvelinqangi.
"Abantu bazobe belashwa ngezindlela ezehlukahlukene ngokomoya, ngokwasentshonalanga nangokwesintu. Yingakho odokotela basentshonalanga bezofika bezoqwashisa abantu ngezifo ezehlukahlukene. Kanjalo nosaziwayo bazofika bezohlomisa intsha ngolwazi."
Uthe enye inhlosongqangi ngaleli bandla ngukukhulula umuntu omnyama emaketangeni obubha ngokuthi kuhlale kunikelelwa imindeni edla imbuya ngothi. Kule nkonzo kuqoqwe umnikelo onikezwe umzalwane othe akanalutho azoludla nezingane.
Abanye osaziwayo abanandise enkonzweni ngumlingisi woZalo, uMr Vibe onguCaptain Nyawo, uMfiliseni Magubane nozakwabo, uSlomo Nxumalo.
UMC Pholobas uthe inkonzo elandelayo izokuba seSandasonke Primary ngoMashi 5 kusukela ngo-12 emini.
Uthe kuzobuye kusizwe abahlushwa wuphuzo oludakayo nezidakamizwa, kwelulekwe nabanenkinga kwezothando nezinye izinselelo zobunzima bempilo.
Esephetha uMC Pholobas uthe kuzobe kunabanye osaziwayo abanohlonze kodwa saxoxisana nabo.