UZEHLISILE waxolisa umsakazi weGagasi FM, uClarissa Mfeka, emuva kokuzithintela iziqandu emphakathini waseMgungundlovu. UClarissa, onekhono eliyisimanga ekusakazeni futhi obukeka enekusasa eliqhakazile, ufanise abantu baseMgungundlovu namaphara. Uthe indlela ilanga elimshise ngakhona eMgungundlovu, uyabona ukuthi uzobuyela kubo eThekwini esefana nephara njengabantu baseMgungundlovu. Iningi elihlala kuleli dolobha elikoMkhulu leKwaZulu-Natal lithukuthele kwasengathi lithelwe ngezibonkolo. Litheleke ekhasini likaClarissa likaFacebook maqede lashiya elingalazi. Lakhwela ladilika kulo msakazi, abanye bemfanisa nomculi waseLimpopo, uMakhadzi.
Eziphendulela uClarissa, osakaza uhlelo iHangOut ngo-9 ekuseni, uqale ngokuvuma ukuthi uphaphalazile ngalo mbhalo wakhe maqede waxolisa ngokungenambandela.
"Ube nehaba. Bewungaqondile ukuphatha kabi nanoma wubani kodwa ngebhadi kwenzekile. Ngalokho ngiyaxolisa kakhulu. Ngiwususile umbhalo neminye kusukela ngalelo langa ngoba bewunochuku futhi bengingafuni ukuxova imimoya yabantu nokuvikela labo ebebeqhubeka nokuphawula ngendlela emukelekile. Bekungafanele bathelwe ngamachaphazelo ngenxa yami."
UClarissa ubuye wadlulisa ukuxolisa okukhulu ezinkampanini asebenzisana nazo ezithole sezihlambalazeka ngenxa yombhalo wakhe.
"Kubalandeli abawa bevuka nami, ngicela ningixolele ngesenzo sami esibi. Kumphakathi waseMgungundlovu, ngiyaphinda ngiyaxolisa ngokweqiniso. Ngiyazixolisela futhi ngiyazehlisa ngokuniphatha kabi nokuzizwa nidelelekile ngenxa yami. Ngizibonile zonke izinkulumo, ngakuqonda ukucasuka kwenu futhi ngithemba ukuthi ngokudlula kwesikhathi nizongixolela," kuphetha uClarissa. Nakuba esexolisile kodwa abanye abantu baqhubekile nokukhwela bedilika kulo msakazi ngamagama aziswana.