UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uNjabs Zwane, akanankinga nesithembu kangangoba uthe akasoze aba nenkinga uma isoka lakhe lingamlamanisa. Ekhuluma kwiPodcast ebizwa nge-Engineer Your Life kwiYouTube, uthe kuyiqiniso ukuthi ubusoka yinto ejwayelekile.
"Ngisho nobandlululo lwafika lwenza ubusoka bajwayeleka kobabamkhulu nobaba bethu ngoba babenemindeni emakhaya. Uma umuntu umthatha uyombeka ezimayini zaseGoli, uzofike abe nomndeni khona. Yinto esikhule nayo ukuthi kumuntu wesilisa kawusoze waba wedwa kuye." Uthe nakuba bekhona abakwazi ukuba nomuntu oyedwa wesifazane futhi abathembekile kuye kodwa bambalwa.
UNjabs ubuye waveza ukuthi abantu besifazane baningi ngokwesibalo, okwenza abantu besilisa bashode. Abanye babuye bathandane nabobulili obufana nobabo. Uthe into yokuthi abantu besilisa babe nenkosikazi eyodwa yinto eyafika futhi yaphoqwa yizifikanamthwalo kuleli. Uthe uyazi ukuthi kungenzeka isoka lakhe lamanje limlamanise.
"Ngicabanga ukuthi nginikwe isikhathi sokuthi ngizinze kuqala (ngaphambi kokulanyaniswa)." Uthe uma engathola ukuthi umuntu athandana naye umbhangqe nomunye umuntu, akusiye into engamqulekisa imphathe kabi.
"Kunezinto ezibalulekile ezingangenza ngiphume emntwini. Ukwazi ukuthi ngiyelanywa ngeke kwasiphula isivumelwano." Uthe indlela yasentshonalanga yenza sengathi impilo eyayiphilwa ngokhokho yabe iyimbi ekubeni kwakungenjalo.
"Wukuthi yayihlukile kwababeyazi ababesiphoqa ukuba siyiphile. Yayingenankinga impilo eyayiphilwa ngokhokho bethu. Yayingenankinga nje. Ngiyathanda manje ngoba siyayibuyisa, sekungeyethu futhi sibuyela kuyo. Ayikabuyi ngokuphelele kodwa siyethula kabusha esizukulwaneni sethu. Ngenye indlela yempilo edingwa ukuphilwa."
Ebuzwa ukuthi kungani kufanele kube ngabantu besilisa kuphela abafanele babe nesithembu, kungani nowesifazane engabi nesakhe, uNjabs uthe akayithandi into yokuthi abantu besifazane baqhathaniswe nabesilisa. Uthe kunezinto ezikwazi ukwenziwa ngabantu besifazane kodwa abesilisa abangakwazi ukuzenza. "Kufana nokuqhathanisa izinto ezingafani." Uthe emisebenzini abantu besifazane bengakulwela ukulingana nabesilisa kodwa akulula emakhaya ngoba imithetho kayifani. "Kungenzeka ukuthi ngikhuluma kanje ngoba ngiphatheke kahle ekhaya, kusemsebenzini lapho ngizizwa kufanele (ngizabalaze khona). Usemkhulu kakhulu umsebenzi." UNjabs uthe akakujahile ukushada ngoba usanethezekile lapho ekhona, akaboni ukuthi lukhona uguquko olungenzeka uma eseshadile.