ABALALELI bohlelo lwasekuseni emsakazweni iKaya 959 kabaneme ngendlela abasakazi ababambisene ngayo.
Abaningi basola uDineo Ranaka ngokungakwazi ukunika uzakwabo ithuba lokukhuluma nokuba yingxenye yezingxoxo ababa nazo nezihambeli zohlelo.
Kokunye kuvezwe i-video ebonisa uSol ephakamisa isandla ebonisa uzakwabo ukuthi kukhona afuna ukukuphawula kodwa wazitshwa.
Lokhu kususe ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana, sekuvela nokuthi omunye wabalaleli ubhalele lesi siteshi incwadi enxusa ukuthi singenele.
Encwadi umlaleli uthi useqaphelisise indlela laba basakazi abasebenza ngayo futhi kuyezwakala noma ulalela izinhlelo eziqoshiwe ukuthi uyedwa ozenza usiyazi, ofuna ukubukwa enze sengathi lo munye uyisahluleki kanti akunjalo.
“Angisho ukuthi uDineo makaxoshwe noma abukeke kabi, cha, siyabuzwa ubuhlakani bakhe nolwazi analo luyancomeka kodwa akafunde ukubambisana nozakwabo, ukuze bazogqama bobabili ngokufanayo,” kusho incwadi.
Incwadi ifakwe ezinkundleni zokuxhumana wunontandakubukwa, uMusa Khawula, owaziwa ngokugqamisa amahlazo osaziwayo.