UMYALEZO otholwe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, kubalingani bakhe abehambele nabo ukwethulwa ngokusemthethweni kweBetway Premiership izolo eGoli umkhulisele ukuzethemba ngaphambi kokuqala lo msebenzi.
Isizini entsha enabaxhasi abasha bakwaBetway ithulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili, eSandton kodwa izoqala ngoSepthemba 14.
Umqeqeshi weChiefs ubengomunye wabamaqembu abebeyingxenye yokwethulwa kwale ligi entsha kodwa okungakashiwo ukuthi iqembu elizodla isicoco lizogoduka namalini kuyona.
Kubhekwe kakhulu ukuthi sekuzoba imalini intshontsho elizogoduka nompetha beligi njengoba bekuwu-R15 million ngaphansi kwesandla sabakwaDStv.
Kulo mcimbi bekukhona uJose Riveiro we-Orlando Pirates, Pablo Franco Martin waMaZulu FC, Brendon Truter weRichards Bay, Steve Barker weStellenbosch FC, Clinton Larsen weMagesi FC, Kwanele Kopo Chippa United, Lebohang Manyama weCape Town City, Dan Malesela weMarumo Gallants noJohn Maduka weRoyal AM.
Ngokusho kukaNabi, bonke abaqeqeshi abebeyingxenye yalo mcimbi abaneme ngesimo sokugqoza kwempumelelo esesihlasele iminyaka kwiChiefs.
Iminyaka ibheke kwengu-10 iChiefs yagcina ukufaka okuthile ekhabetheni lezindebe osekuyiphendule inhlekisa ebholeni laseNingizimu Afrika.
UNabi, odabuka kwelaseTunisia, ukholelwa ekutheni kukhona angakwenza ukuvusa le nkunzi yaseSoweto kodwa akuzwe kubalingani bakhe kumcaciselile ukuthi umqoka kangakanani umsebenzi ophambi kwakhe wokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
Uthe ngesikhathi ekhuluma nabalingani bakhe, baveza ukukhathazeka kwabo ngokungenzi kahle kweChiefs kule minyaka edlule.
“Ukuzwa ozakwethu bekhuluma ngale ndlela ngeChiefs kuphinde kwangifaka umfutho wokukwenza konke enginamandla akho ukubuyisa okungenani ithemba,” kusho uNabi obetolikelwa kuYouTube ekhasini lakaBetway.
“Njengoba ngasho ngesikhathi ngifika namanje ngiyayiphinda indaba yokuthi kungalindelwa umlingo zisuka. Ngikusho lokhu ngoba iqembu siliqala phansi kodwa ukukhuthazeka asishodi ngakho.
“Bengihlale ngizwa ukuthi ukwenza kahle kweChiefs kubalulekile eNingizimu Afrika kodwa engikuzwe kubaqeqeshi okufanele babe izimbangi zami, kungikhumbuze ukuthi bekubaluleke kangakanani ukuthatha umsebenzi kwiChiefs.
“Bonke abaqeqeshi engisakhulume nabo kusukela kuqale usuku (emcimbini wayizolo), okufanayo ngabakushoyo ukungenami ngesimo iChiefs ekusona ngoba kunomthelela kuwona wonke unobhutshuzwayo wezwe,” kusho lo mqeqeshi.
Umdlalo weligi wokuqala weChiefs izobhekana kuwona neGallants ngoSepthemba 14 eToyota Stadium eBloemfontein.
Isiqubulo esisha seligi njengoba isingaphansi kwesandla esisha sesizothi: Lisegazini Forever. Inkomishi nayo ayizange yethulwe kuthiwe kuzosetshenziswana neciko uNelson Makamo okunguyena ozoyenza.