I-ICC Champions Trophy izonikeza iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa elinye ithuba lokuthola indebe emqhudelwaneni omkhulu ngokusho komqeqeshi, uRob Walter.
AmaProteas awakaze ayinqobe iNdebe yoMhlaba. Indebe ehloniphekile ayiqukula kwakuyiChampions Trophy yango-1998 lapho anqoba khona iWest Indies kowamanqamu.
UWalter umemezele isikwati sabadlali abangu-15 esizomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano wama-over angu-50 ozobe usePakistan nase-United Arab Emirates kusukela ngoFebhuwari 19 kuya kuMashi 9.
Leli qembu lizoholwa nguTemba Bavuma. Kulokhu kufakwe nabashwibi abasanda kululama uLungi Ngidi no-Anrich Nortje.
AmaProteas akleliswe kuGroup B lapho eqhathwe khona ne-Australia, England ne-Afghanistan. KuGroup A kuzodudulana iPakistan, India, New Zealand neBangladesh.
“Lesi sikwati sigcwele abadlali abanamava, asebeke babhekana nezimo ezinzima. Lolo hlobo lolwazi lubaluleke kakhulu emqhudelwaneni ofana nalona. Sikwazile ukugcina isikwati esiwumgogodla weqembu eladlala eNdebeni yoMhlaba ka-2023, sengeza nabanye abadlali abasha abanekhono.
“Indlela esidlale ngayo emiqhudelwaneni yakamuva ye-ICC ikhombisile ukuthi siyakwazi ukufinyelela ezigabeni zokugcina kule miqhudelwano emikhulu. Sizimisele ukuthatha igxathu elilandelayo ukuze sizibeke ethubeni elihle lokunqoba indebe.
AmaProteas azovula ne-Afghanistan eKarachi ngoFebhuwari 21, abhekane ne-Australia ngoFebhuwari 25, bese esonga eyamaqoqo nge-England ngoMashi 1.
U-Imraan Khan, ongomunye wongoti ababhekelele ezokubhetha kwiCricket South Africa, uzojoyina ithimba labaqeqeshi kulo mqhudelwano.
Iqembu lamaProteas leChampions Cup: Temba Bavuma (Lions), Tony de Zorzi (WP), Marco Jansen (Dragons), Heinrich Klaasen (Titans), Keshav Maharaj (Dolphins), Aiden Markram (Titans), David Miller (Dolphins), Wiaan Mulder (Lions), Lungi Ngidi (Titans), Anrich Nortje (Warriors), Kagiso Rabada (Lions), Ryan Rickelton (Lions), Tabraiz Shamsi (Titans), Tristan Stubbs (Warriors), Rassie van der Dussen (Lions).