‘UMA kunothi indodana yami imtshontshele, ngingavuma. Kodwa othi umntanami udubulile, uLongwe akasoze akwenza lokho. Akalona lolohlobo lomuntu!’
“Akakaze waphatha isibhamu. Laba bameli abamsolayo ecaleni likaSenzo Meyiwa, bayahlanya," usho kanje umculi we-Afro pop, uChicco Twala ngesikhathi eseNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGauteng, ngoLwesithathu, njengoba bekuvele amadodana akhe, uLongwe noSello Jnr.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uChicco uthe akanandaba nokuthi abantu bathini, anesiqiniseko sakho ukuthi ngeke uLongwe atholwe enecala ekufeni kukaMeyiwa.
Ebuzwa ukuthi yiqiniso yini ukuthi isibhamu sakhe sahlolwa yini ngongoti, uChicco uthe kwenzeka lokho ngoba wumkhuba ovamisile.
Uthe kungamanga aluhlaza ukuthi isibhamu sakhe santshontshwa.
"Ngamanga asabalaliswa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana."
Uthe ukube isibhamu sakhe sayamaniswa nokufa kukaMeyiwa, ngabe kade aboshwa.
Uthe unobudlelwano obuhle nomndeni kaSenzo, ikakhulukazi unina wakhe.
Uthe ubuye abatakule uma behlangabezana nezinkinga, nokuyinto angayenzi ngoba kuthinteka indodana yakhe, kodwa yinto avamisile ukuyenza kunoma yimuphi umndeni.
"Kunodokotela abafundiswe yimi."
UChicco uthe amadodana akhe uwabophise ngoba emntshontshele impahla emba eqolo e-studio sakhe.
Uthe uLongwe umyise amahlandla angu-30 lapho kuhlunyuleliswa khona izimilo kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Uthe kungcono amadodana akhe abolele ejele kunohlukumeza umphakathi.