OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, ubuyela namhlanje eNkantolo yeMantshi eRandburg, eGoli, ngemuva kokuba icala lakhe lihlehlile izolo.
Ngokusho kweYouTube Channel, iKing Zoso, kunyamalale ufakazi kuleli cala. UNgizwe ubhekene namacala amathathu, okungelokugqugquzela izibhelu emphakathini, ukuhluleka ukulandela imithetho yokuvalwa kwezwe neyokubiza isithangami sabezindaba. Wonke amacala uyawaphika uNgizwe, uthi uqanjelwa amanga.
UNgizwe, owazakhela ugazi eminyakeni edlule ngokusakaza izinhlelo zomculo wesintu oKhozini FM, nakwiSABC 1 utheleke enkantolo izolo ephelezelwa yidlanzana lamabhinca abevunule. Naye umfo kaMacingwane ubefake ibheshu lesimanje nesikibha esimhlophe. Bebehamba behlabelela ingoma ethi "Namhlanje kukhona thina, kuyobaleka inkunzi ekhonya..." Sebephakathi enkantolo bagile izimanga becula ingoma enezinhlamvu ezithi: "URamaphosa uyedelela, Akashaywa..." Bavele bahlabelela maqede basina belekelelana.
Insizwa ebizwa ngoMntebhosha, ihlabe kabili kathathu ngenqina maqede yagingqika phezu kwamabhentshi ahlala abathamela icala. Kwenzeka lokhu kukhona abasebenzi basenkantolo namaphoyisa imbala. Kuvele kwaba sengathi basececeni noma kudede. Abantu babuyele emuva bedangele futhi bedemalayisa, becikwa wukuthi ufakazi kuthiwa ubalekile. Kuzozwakala namhlanje ukuthi kuzokwenzekani. Evela ezinyangeni ezedlule, uNgizwe wanxusa ukuba kusheshe ukuqulwa kwecala ngoba kuyamphundla emalini.