UMSAKAZI wesiteshi somphakathi oqokwe emkhakheni weBest Gospel Community Radio, ubonga ithuba lesibili lokuqokwa kumaCrown Gospel Music Awards, alo nyaka.
UThami Ntombela oshayela uhlelo iNjobo Ithungelwa Ebandla, kwiMbokodo FM, ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe uswela amaphiko okundiza ngenxa yenjabulo yokuthola elinye ithuba lokuqokelwa emcimbini wezindondo, iCrown Gospel Music Awards.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2016, umsakazi wadla umhlanganiso kulo mkhakha ayeqhathwe kuwo nabasakazi bezinye iziteshi zomphakathi. Kulokhu uqhathwe no-Abraham Shiyani, noNjabulo Mpungose beNqubeko FM bese kuba nguLondi Gazu weNongoma FM.
"Ngemuva kokunqoba ngo-2016 ngaba sengozini yemoto kodwa uNkulunkulu emuhle, ngasinda. Ngibuyile emsakazweni emuva kokuthi ngilulame ngokuphelele. Nginesifiso sokuthi ngiphinde ngiyithole enye indondo njengoba ngiqokiwe nakulo nyaka," kusho uThami.
Echaza ngakuthandayo ngohlelo alushayelayo, uthe uyakwazi ukulekelela umphakathi ezinkingeni osuke ubhekene nazo.
"Ukudingida izinkinga zabantu zilungiseke yikho engikuthanda kakhulu ngomsebenzi engiwenzayo. Injongo yami ngohlelo ukuthumeka emnyangweni efanele, engangenelela kuzo zonke izinkinga zabalaleli abadinga usizo kithina," kubeka umsakazi.
Eqhuba, uthe kumanje bamatasa nemikhankaso yokuvotelwa ngenhloso yokuthi babuye nendondo emcimbini wamaCrown Gospel Music Awards okulindeleke ukuthi ngoNovemba 27, e- ICC, eThekwini.
Le nsizwa ibambisene noSanele Mndeni Nele onguprojusa wohlelo.