OYISISHOSHOVU sabaphila negciwane lengculazi, uCriselda Kananda, umangaze abaningi ethi ukholwa wukuthi igciwane lengculazi neleCovid-19 lakhiwa ngamabomu ngenhloso yokuphungula abantu.
Uthe abantu bazogcina belitholile iqiniso ngokusunguleka kweCovid-19.
"I-Covid-19 yisifo esinonya. Noma wubani owasisungula uyisilwane esimbi. Angisoze ngambiza ngomuntu. Le nto izobuya ngelinye ilanga. izohlukumeza abantu abathize." Uthe sebeqalile abantu ukukhuluma ngezinto abazaziyo.
Ekhuluma noDJ Sbu kwiThe Hustlers Corner SA, uCriselda uthe iCovid kwakuyitulo elasungulelwa ukuphungula abantu, bese ligwilikisa abantu abathize emhlabeni.
"Namanje ngisazibuza ngokuphazima kweso, ukuthi kwenzeka kanjani siqhamuke nomgomo emuva kwezinyanga eziyisithupha? Lezi zinkampani zenze inzuzo enkulu. Abantu abalashwe iCovid bazokutshela ukuthi kwakuba sengathi babesendaweni emnyama. Uzokhumbula ukuthi eGauteng kwambiwa imigodi ewu-1 million ngoba babelinde ukuba kufe abethu abayisigidi kodwa onkukunkulu babantu abamnyama baphika. Bathi ngeke ngabantu abamnyama. Sasivikelwe thina." Ukhombe abaholi bakuleli ngenjumbane, ukuthi babazi ngeqhinga lokuphungulwa kwabantu.
"Ukuba nje umuntu aze athi sesibaningi kakhulu emhlabeni (yini kangaka)? Yini uze uthathe isinqumo (sokuphungula abantu)? Nguwe owasungula umhlaba? Uwubani wena ukuba uthathe isinqumo sokuthi kuhamba bani, kusala bani?" Uthe kwahluleka ngisho umengameli waseMadagascar eseqhamuka nomhlonyane kodwa abaholi bakuleli banqaba.
"Yini i-Afrika ingahlangananga ngalelo khwelo? Babefuna bani ozohlakanipha ukuba aqhamuke nesinqumo esingasisindisanga? Sasingenalo ikhambi. Sasiphoqelwani ukuba sisebenzise umgomo?" UCriselda uthe imigomo inomthelela omubi kubantu bamanje. "Ungakuchaza uthini ukuhlaselwa kwabantu abasha yizifo zenhliziyo? Uqhamukaphi lo mqondo wokuthi bazibulale? Sigxishwe izinto eziningi zangaphandle emizimbeni yethu. Sisazohlukumezeka ngenxa yezinqumo esazithatha ngesikhathi kubhoke iCovid."
UCriselda uthe kufanele uhulumeni ahlambuluke kubantu bakuleli ngesinqumo sawo ukuze bakhululeke.
"Awukwazi ukuqhamuka nomgomo emuva kwezinyanga eziyisithupha, ngaphandle uma kuyiqhinga lokusiphungula. Ngangifuna ukuqonda kahle ngenhloso. Angiwuthathanga umgomo," kusho uCriselda osebuya kwiMetro FM nakwiSAfm.
Uthe waqala yena ukushaya amakhala ngomgomo emuva kokuzwa kukhulunywa ngomshwalense okwakufanele uthathwe ngamazwe ukubhekela umthelela ongemuhle womgomo.
Uthe kwabuye kwaqhamuka namafilimu aqoshwa ngaphambi kokuba kubheduke igciwane iCovid.
"Ubani owayecabanga ngombhalo onjengalowo? Futhi ifilimu iqhamuke ngaphambi kokubheduka kwegciwane. Kukhona omatasatasa opheka le nto. Kubi. Wubugebengu nje. Umlando uyohlulela abathize." USbu uthe bakhona abaphumela obala ngalokhu, njengo-Amanda Black noNtsiki Mazwai kodwa bahlaselwa ngezinkulumo. UCriselda uthe nengane yakhe yenqaba ukuthatha umgomo, yakhonjwa indlela emsebenzini.
Uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu abamnyama bahlangane, bazithole ukuthi bangobani. Uthe sekukaningi abantu base-Afrika bezanywa ngezifo ezisungulelwa ukubabhuqabhuqa kodwa basindiswe ngamadlozi abo.