ABAZIBIZA ngamalungu aphethe umculo kacothoza KwaZulu-Natal abaneme ngendlela umsakazi woKhozi FM uBheka “Beekay” Mchunu, athula ngayo uhlelo lwesicathamiya ngoMgqibelo phakathi kuka-5 no-6 ekuseni.
Leli komiti elihlanganisa uRebecca Esau, Mondli Mbambo noSkhumbuzo “Mavulakuvaliwe” Mhlongo weZulu Messengers, libhalele umphathi wezinhlelo oKhozini uZandile Tembe, incwadi enohlu lwezikhalazo nezincomo.
Isolezwe NgoMgqibelo linawo amakhophi encwadi. Osabambile oKhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi bayitholile le ncwadi.
“Sizocela ukunikezwa ithuba lokubhekana nalolu daba futhi siphendule ngqo abantu abasithintile,” kuphendula uMmoni.
Leli komiti libhale ukuthi sekulimi emphinjeni ukubona kushabalaliswa umculo kacothoza kulesi sikhondlakhondla somsakazo.
Likhala nangokuphucwa amandla njengabaholi bakacothoza uma kukhishwa izimemezelo.
“Izimemezelo zikhishwa umuntu ongawuqondi umculo wethu, okwenza agcine esehluleka ukubona isimemezelo esibalulekile. Lokho kuba nomthelela wokuthi kube nemidlalo egcina ingabi impumelelo ngenxa yokungafiki ngendlela komyalezo kubalandeli.
“Ukungadlalwa kwemisebenzi emisha ekhishwe ngamaqembu, kuyinto ewathena amandla. Ukuphambanisa amagama amaqembu uma edlalwa emsakazweni, okuveza ngokusobala ukuthi ungumuntu ongaqikeleli. Kudala ukuthi kube nokuqhelelana nathi.”
Le ncwadi ibuye ikhala nangesikhathi okungena ngaso uhlelo lukacothoza ngoLwesine ebusuku.
“Ucothoza siwubona usala ngaphandle uma Ukhozi luhlela imicimbi yalo kanti nathi sinabalandeli abanesifiso sokusibona futhi abalulalelayo Ukhozi. Umculo wethu siwuzwa ohlelweni lukacothoza kuphela, okungafani neminye imikhakha oyizwa noma yinini.”
Incwadi iphetha ngokucela izikhulu zoKhozi ukuba zikhiphe uBeekay, zifake omunye umsakazi owuqondayo futhi onolwazi ngomculo wesicathamiya ngoba wehlukile kweminye.
“Lokho kuyosiza ukuthi nalabo abangawuqondi umculo wethu, bafunde okuthile kuwo. Sicela ukuba nohlelo lwasemini ngezimpelasonto. Sicela ningawushiyi ngaphandle ucothoza uma nihlela imicimbi, ngoba nathi singamaciko kacothoza siziphilisa ngawo lo mculo.
“Sicela umsakazo ubambisane nathi ukuthuthukisa umculo wethu, njengokuhlela imicimbi eqondene nocothoza ngqo,” kuphetha le ncwadi.
UBeekay unikezwe ithuba lokuziphendulela kodwa wakhetha ukuwuhlaba inhlali.