SEKUQUBUKE ukukhathazeka emacikweni adla umhlanganiso emncintiswaneni wezibongo zoKhozi FM nyakenye, ngenxa yokugqoza kwenkokhelo yemali ayiwina.
UMthembiseni ‘Isidada Soju’ Masuku, odabuka KwaNongoma nokunguye owadla umhlanganiso emncintiswaneni wezibongo, uthi sekuphele izinyanga ezine zonke elinde umklomelo kaR15 000 awunqoba emncintiswaneni owawungoSepthemba.
“Umncintiswano wawuhlukaniswe ngokwezigaba. Kwesokuqala, ngawina uR5 000, kwathi kwesokugcina ngadla umhlanganiso ohambisana nesamba sikaR10 000 nawo engingakawutholi namanje,” kubalisa uMthembiseni.
Eqhuba, uthe okwenza isimo sibe simbi, wukuthi akatholi mpendulo uma ezama ukubuza ngale mali kuZama Khumalo noPhumzile Mthethwa beSABC, ayexhumana nabo emva kokunqoba umncintiswano.
“Ngigcina ukuxhumana nabo, bathi udaba lwethu sebeludlulisele kwabengamele izimali, kuze kuzoba yimanje kusathulekile nje - asizwa lutho.
“Ingiphatha kabi le nto ngoba kumanje izibongo zami ziyadlalwa nsukuzonke oKhozini,” kusho uMthembiseni owumsakazi weNtokozo FM.
Imbongi yaseMlaza, uMsawenkosi Duma, owaziwa ngeleNqanawe Yangempela, naye ukhale esifanayo noMthembiseni, ethi akakawutholi uR5 000 athenjiswa wona ngokulala kwakhe isibili emncintiswaneni wezibongo.
“Umncintiswano wawungoSepthemba ngonyaka odlule, lapho owawufike uthumele khona i-video ubongela khona Ukhozi FM.
“Ngaphuma isibili kuwona, ngathenjiswa umthoba-nhliziyo kaR5 000, namanje angikayitholi leyo mali,” kukhononda Inqanawe.
Umsakazi weNongoma FM uSamke Gina, naye ukhale ngoR15 000 athe uwukweletwa wuKhozi FM.
Uthe wangenela umncintiswano woKhozi FM wokuthungatha umsakazi wesifazane nyakenye, lapho alala khona isibili - unqotshwa wuLondathina Mbatha.
“Ngokulala kwami isibili kwakumele ngithole umthoba-nhliziyo kaR10 000 njengokusho kwabo. Ngaphezu kwalokho, yimi owahlabana ngomklomelo wamavoti amaningi - njengoba ngangizivotela mina kulowo mncintiswano. Ngalokho, kwakumele nginikwe uR5 000.
“Namanje kusathulekile futhi akucaci ukuthi ngizoyithola nini imali engayithenjiswa ngoba sesedlule isikhathi okwakuthiwe ngizoyithola ngaso, ekubeni ngagcwalisa amafomu, ngabanika konke abakufuna sengiwinile.
“Sekukaningi ngithumela ama-email, belokhu bengithembisa into engekho. Eyokugcina ngiyithumele ngoJanuwari 4, bangayiphendula,” kukhononda uSamke.
Isolezwe linabo ubufakazi bama-email nezingxoxo zakwiFacebook, phakathi kwala maciko nabathintekayo bethembisa ukukhokha le mali.
Kuthintwa okhulumela i-SABC, uGugu Ntuli ngoLwesibili, uthe ucela ukuthunyelelwa i-email ukuze adlulisele udaba kwabafanele kodwa kuze kwaphela izinsuku ezimbili bengabuyelanga entathelini ukuphendula mayelana nemali okuthiwa bayikweleta laba abathi banqoba.