ABEBESAZIMISELE ngokuba sothandweni nomsakazi ongaconsi phansi weGagasi FM uFelix Hlophe abakhohlwe njengoba ebophe ifindo likasofa silahlane nesinqandamathe sakhe uTracy Smith ngoMgqibelo.
Babophe elikasofa silahlane emcimbini obuse-Island Hotel, eSiphingo, eThekwini emcimbini obuhanjelwe ngabangani nezihlobo abalinganiselwa ku-150.
Isizathu sokuthi bangenzi indumezulu uFelix noTracy, bathe yingoba uyeza ozodida izinkumbi abawuhlele ukuthi ube maphakathi nonyaka ozayo.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto uTracy ongowaseMgungundlovu, uthe njengoba beshada vele sebehlala ndawonye nomyeni wakhe. Uveze ukuthi bahlangane ngonyaka owedlule emcimbini owawuseBotanical Gardens eMgungundlovu, kwaqhuma inhlansi yothando kubona bobabili.
Uthe banendodana eyodwa. Kulo mshado uTracy ungemiswe ngumfowado omdala uTony Smith nakuba ekhona uyise.
Mayelana nengubo yomshado abeyigqokile, uthe ithungwe ngumsiki wengqephu ohlonishwayo uNokwanda Ngcobo waseMlaza.
“Ngabona ingubo eyayiyinhle eyayigqokwe uKim Kardashian-West ngesikhathi ekhulelwe ngayithanda. Ngabona nengubo yomshado kaSolange Knowles ngase ngifikelwa wumcabango wokuthi ingaba njani engaba yinhlanganisela yazo zombili. Umsiki wengqephu uNokwanda wenze umsebenzi ongihlabe umxhwele,” usho kanje.
Ingubo i-cream white, ikhekhe liyizitezi ezintathu lihlobe ngombala osiliva belibhakwe nguDesiree Ngema weDes Baked.
Uchaze ukudla njengokubeke isithombe samasiko ehlukene kodwa azohlangana abe yinto eyodwa. Kuphekwe ngabeKhishini with Chef Sane.
“Bekukhona okwesintu nokwesilungu.”
Izimbali bezihlobe ngomhlophe, pink obekuyiyona mibala yosuku.
Umcimbi ubuphethwe nguLinda Sibiya owaduma kuKhozi FM.
Ifindo lomshado liboshwe nguMfundisi Vusi Dube weThekwini Community Church eThekwini.
Ingoma abadanse ngayo sebeyindoda nomfazi ngekaLanga Mavuso ethi Sunday Blue. Emcimbini kunandise uSihle Linda.
Umshado ubunosaziwayo u-Alex Mthiyane nomkakhe uBuyi, Malini nabanye.