UMGQUGQUZELI womncintiswano wezintombi nto uthi imali yeqolo kufanele ngabe inikezwa amatshitshi asazigcinile kunokuba inikezwe amantombazane asezele.
U-Eric "Prof Intatheli YaseZulwini" Phetha, uthe ukunikezwa kwezintombi nto imali yesibonelelo sikahulumeni kungazikhuthaza ukuba ziqhubeke nokuzigcina. Eqhuba uthe okubuhlungu wukuthi isibonelelo sezingane sidliwa ngonina njengoba iningi lazo zondliwa ngoyise. U-Eric ubekhuluma emuva kwempumelelo yomcimbi wakhe,
UMiss Itshitshi Phaqa 2022, obusehholo lomphakathi waseHopewell, eMgungundlovu muva nje.
U-Eric uthe umncintiswano bewuhlukaniswe iminxa emithathu. "Amatshitshi ayizilenda abencintisana wodwa nawezidudla abaqhudelana wodwa." Uthe bekungenele izintokazi zezifundazwe ezihlukene.
Emkhakheni wamatshitshi ayizilenda, umhlanganiso udliwe uSanelisiwe Shandu (20) waseMthwalume. Isibili siphunywe wuNoxolo Mbhele (23) wasePort Shepstone no-Olwethu Mhlongo (18) waseMthwalume.
Emunxeni wamatshitshi aphakathi nendawo kuwine uSthandokuhle Chule (18) waseBulwer, kwathi isibili saphunywa nguThato Dlamini waseThekwini, isithathu sithathwe nguNomasonto Mbhele wasoLundi. Ematshitshini ondlekile ngomzimba kuphumelele uNokuthula Cele (26) wasePort Shepstone. Indawo yesibili ithathwe nguXolile Gambu (23) waseBulwer kwathi isithathu saphunywa nguSnenhlanhla Magwaza (25) wasoLundi. U-Eric uthe inhlosongqangi ngomcimbi wukutshengisa uhulumeni ukuthi likhulu iqhaza okumele engabe uyalibamba ngamatshitshi wonkana. Uthe ayikho imicimbi eyenziwa nguhulumeni eyenzelwa amatshitshi, lapho esuke ezowaklomelisa ngokuzigcina kwawo, khona ezogqugquzeleka, aqhubeke aziphathe kahle.
"Bekuqala ngqa ngalo wethu umcimbi, kangangoba amatshitshi awuthakasele kakhulu kanjalo nabazali bawo bebengayivali imilomo, bethi bayabona ukuthi siqalele izingane zabo into enhle kanje.
Abanye besho nokusho ukuthi umcimbi uzoba wusizo kakhulu ngoba amantombazanyana asakhulu abekubona kwiyize ukuhlolwa kwezintombi, asezoqala akuhalele ngoba elangazelele imiklomelo ewinwa kuwo.
U-Eric uthe ukube kuya ngaye ngabe uhulumeni uyawabonelela amatshitshi ngokuzigcina kwawo, kanjalo nomama abawusizo ngokuhlola wona amatshitshi.