ABACULI bowokholo uSgwili noBabo sebeveze ukuthi umoya kaZanele Mbokazi-Nkambule wenze bakhetha ukubuyelana basebenze ndawonye futhi ukuze baphinde bajabulise abalandeli babo.
Lokhu kulandela ukubonakala kwabo becula ndawonye enkonzweni yesikhumbuzo sikaZanele ngesonto eledlule.
UBabo ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram ukuthi ukucula enkonzweni kaZanele, kubenze bathatha isinqumo ngokushesha yize bona bebesazoba nomhlangano wokubheka inqubekela phambili.
Ekhuluma neSolezwe uBabo, uthe bese kuphele iminyaka engu-14 bahlukana, kodwa manje bamatasa ngokuphinde bajabulise abalandeli babo.
“Sesiqalile ukukhuluma nababhala izingoma ukuthi basibhalele izingoma eziyisithupha, esizobuya ngazo. Siyabuya emculweni futhi sihlele izinto eziningi ukukhumbuza abalandeli bethu ababesazi ngakho. Sihlele ukuthi okwasihlukanisa ekuqaleni kungasiphindi manje. Sizohlangana nezinhlaka ezehlukene ukubathulela izindaba ezinhle zokubuya kwethu bese sigcina ngokwenza imicimbi ukuze abalandeli bezwe izingoma zethu, esifuna zikhulume ngezinto ezenzeka emphakathini manje,” kusho uBabo.
Uthe uZanele kade aqala ukukhala ngabo ethi ababuyelane futhi naye uyokwenza noma yini ukuthi baphinde bajabulise abantu ngomculo wabo.
"Ngokuhlonipha yena njengoba eyindlovukazi yamaciko omculo wokholo ngamagalelo akhe njengoba ebefisa, sithi abantu abazi singafihli ukuthi sesiqalile siyasebenza. Siyamcela naye ukuthi abe ingelosi enhle kithi njengokufisa kwenhliziyo yakhe. Besithi sizomlinda alulame bese simtshela lezi zindaba kodwa nathi sesenze omningi umsebenzi. Besazi ukuthi uzojabula nathi kodwa kwenzeka ngenye indlela,“ kuchaza yena.
Uthe babonga wonke umuntu obehlala ebakhuthaza ngokuthi babuyelane, nabakade bebatshela ukuthi bayabakhulekela ukuthi babuye basebenzisane njengoba leso sikhathi sesifikile manje.