ABANTU abasha baseJozini bazophinde bathole ithuba lokuncela ulwazi mahhala ngomkhakha wethelevishini namafilimu embukisweni iKwasukasukela Film Festival ezoqala ngoDisemba 12 ize isongwe ngoDisemba 15.
Lo mbukiso waminyaka yonke ohlelwe yi-Absolute Gumba Entertainment, kuzobe kungokwesishiyagalombili ukhona nonyaka.
Okhulumela abagqugquzeli uSibonelo “Sbo Da Poet” Mbutho uthe bazobe begadla ngabantu abanamava kulo mkhakha okuyibo abazobe becobelela ngolwazi izethameli.
“Sizobe sinoTiisetso Thoka oselingise emidlalweni eminingi ehlukene yethelevishini. Omunye wuZakhele Mabasa owaduma kakhulu enguS’khaleni kwiSibiya. Siyakuqonda ukuthi akuyena wonke umuntu ofuna ukuvela kwikhamera ngakho zikhona nezinye izihloko esizobe sikhuluma ngazo njengokufunda ukuphaqula abalingisi.
“USibongeleni Mabuyakhulu owayewumhleli weYizo Yizo, Isibaya, House of Zwide neShaka Ilembe, yena uzobe ekhuluma ngomsebenzi awenzayo nangamathuba akhona,” kuchaza uSbo.
Uthe naye siqu sakhe kuzobe kukhona izihloko akhuluma ngazo.
“Mina ngizothinta kakhulu ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana njengeciko ukuze uzuze noma uzithuthukise. Okuhle wukuthi embukisweni wethu asigcini kuphela ngokukhuluma kodwa izethameli sizinika imisebenzi emincane okumele ziyenze bese zithola izincomo bukhoma.
“Eminyakeni edlule ababenza kahle sabathatha sabasebenzisa efilimini ekhuluma ngokubulawa kobhejane eyashuthelwa khona eJozini. Ngilingisa phambili kuyo noNkanyiso Mchunu, Jack Devnarain, Angel Zuma, umculi uProfessor nabanye.
Umbukiso uzoba seMsiyane Hall ngazo zonke izinsuku futhi kungenwa mahhala.
Uthe amafilimu azobe ekhonjiswa iningi lawo ngavutshelwe KwaZulu-Natal. Phakathi kwawo Amaphupho neNgoduso Yami, womabili aqoshelwe esifundeni Umkhanyakude, Intandokazi eqoshelwe KwaMaphumulo, Mantolwana 4 eqoshelwe eThekwini namanye.