UMLINGISI weSiphetho: Destiny ophinde aziwe ngama-video amahlaya kuYouTube nakuFacebook, uSmangele Mhlongo uxabene nendodana yakhe uChicken bebanga imali abayenza ngamahlaya.
UMakaChicken uthe akasafune lutho oluzomhlanganisa nendodana yakhe uSibonelo “Chicken” Mhlongo. Uthe babange ukuthi ubefuna ukwazi ngemali abayenza ngama-video amahlaya abadume ngawo iKwaNjomane.
“UChicken usengihlukumeze kakhulu. Isono sami kube ukumbuza ngemali esiyenza ngoYouTube ngeKwaNjomane. Uvele wangivalela wathi mina sengiyasebenza sekunguyena ozodla ngeKwaNjomane futhi ngeke esangiholela lutho ngayo.
“Okwesibili uthe mina ngiyifuna kanjani imali yeKwaNjomane ngibe ngingasebenzile. Ngimtshelile ukuthi isivumelwano esinaso esokuthi inkampani eyethu sobabili, kumele kube khona engikuhlomulayo.
“Okungicasule kakhulu ukuthi ngifike ekhaya engakhokhele ngisho iDStv, kwadingeka ukuthi ikhokhelwe yimina. Uma ngimbuza wavele wangithuka ngayo yonke inhlamba ongayicabanga,” kusho uMakaChicken.
Uthe uChicken akaqali ukumchapha ngenhlamba uma bexabene, wathi usebekezele kwanele manje.
“Okuphinde kungicasule kakhulu ukuthi uma sixabene uvele abalekele ezitheni zami. Ngikhuluma nawe nje uhleli ezitheni zami, abantu esingabingelelani ngisho sihlangana. Uma sixabana, usejwayele ukuthi abuye azoxolisa athi ubenza i-content kaFacebook.
“Sengikhathele uyena. Impilo yami le adlala ngayo. Impilo yami ayikwazi ukuhlala iyi-content, senganele. Ngizomthanda ekude nje aqhubeke nokwenza izinto zakhe ngoba nemali yekhasi lethu iKwaNjomane uyidla nendoda yakhe,” usho kanje.
Kuthintwa uChicken uvele wathi ucela ukungaphawuli ngalolu daba. Uthe ngoba unina usekhulume kanjalo yena akukho azokusho.
UChicken nonina bazakhela udumo ngama-video abo abawenza kuYouTube avela nasekhasini leFacebook. Emva kwawo bagcine sebethola nohlelo lwethelevishini kuMzansi Wethu lapho bekhuluma khona ngempilo yabo.
UMakaChicken uphinde aziphilise ngokuba ngumelaphi wendabuko. Kunamathuba amaningi ekulingiseni avulekile kuMakaChicken emva kokuvela kwakhe kuleli khasi.
Njengoba ethe ngeke esabonakala ekhasini iKwaNjomane, uMakaChicken uthe usezoba nePodcast yakhe ebizwa ngoBabiyost_TV lapho ezovela khona engekho uChicken.