NQOBILE MASIMULA
BEKUNGATHI bathi babonwa yini abantu abebephume ngobuningi emcimbini weGagasi FM, iBeach Festival ebiseBlue Lagoon izolo.
Izinkulungwane zabathandi bobumnandi abebekulo mcimbi bajabulele izintandokazi zabaculi ebezinandisa kulo mcimbi.
Ulayini wokungena ubuyinyoka kwaze kwashaya ihora lesihlanu ntambama.
UKhulekani Shandu okhulumela lesi siteshi uthe bayajabula ukuthi abalaleli babo balinde baze babuya nalo mcimbi wabo abawuthandayo.
"Ziqinile ezokuphepha njengoba bese sibonile ngokuthengwa aphele kwamathikithi ukuthi kuzobe kugcwele," usho kanje.
Phakathi kwabaculi abadedelane inkundla kulo mcimbi oke wahlaba ikhefu ngenxa yeCovid, kubalwa uDaliwonga, Le Soul, Mafikizolo, DJ Tira, Young Stunna, Mafikizolo nabanye.
UYoung Stunna uphume esengenile esteji waduba kulandela ukukhala ngobuhixihixi ezinsimbini zomsindo.
Bekugcwele nosaziwayo abangabasakazi beGagasi nabanye abasemkhakheni wezokungcebeleka.
Amaphoyisa azo zonke izinhlaka abelokhu ezulazule njalo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi.
Izihambeli zomcimbi bese zizishiya noma ikephi izimoto ngenxa yokuswela indawo yokupaka.