BEKUYIMPELASONTO enkulu esifundazweni sase Western Cape lapho bekuhlanganiswe khona izinhlanga ezahlukene ziqhakambisa imvelaphi yazo. ICape Town Carnival iqale eFan Walk Brigde ekuSomerset yayovalwa ngedili lomculo, indlamu, umdanso, imilingo nokunye okuningi obekwenzeka enkundleni yezemidlalo iGreen Point.
Lo mcimbi ngomunye wemcimbi emikhulu kuleli dolobha njengoba uhlanganisa amaciko abalelwa ngaphezulu kuka-1600 aqhamuka ezindaweni eziwu-48 ezakhele iCape Town. Izakhamizi zakuleli ebezihambele lomcimbi aziwuvali umlomo ngobukhazikhazi nombumnandi balo mbukiso.
" Bkukuhle kudelile abantu bekhombisa ngamasiko abo ahlukene nemvelaphi yabo kusetshenziswana. Siyabonga kubona bonke ebebeyingxenye kuhlanganiswa lomcimbi omuhle kangaka," kuncoma uRobyn-Lee Jutzen.
" Kube yisipiliyoni esimnandi, ngiyithande kakhulu," kusho uSonia MacRae Bausmann.
" Nginethulela isigqoko ngomcimbi osezingeni lamazwe omhlaba eCape Town," kusho u-Awkward Turtle.
" Ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu, kukuhle nesimo sezulu besivuma," kusho uJuliet Maart.
" Nginethulela isigqoko bahleli bomcimbi, ebebenandisa, abadayisi nabezicishamlilo. Bekuwumcimbi omuhle kakhulu," kusho uNicole Jafta.