Iqembu lomculo wokholo eselineminyaka liyibambile, iJoyous Celebration, liphendula izikhalo zabalandeli balo baseThekwini ngokuthembisa ukuqopha bukhoma umculo walo omusha kuleli dolobha, ngePhasika.
Lokhu kushiwo womunye wabasunguli bayo, uLindelani Mkhize, othe bazoqopha izinsuku ezimbili ngoMashi 30 no-31. Bazoqopha eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).
NgePhasika nyakenye iJoyous yenza umcimbi, iJoyous Easter Mega Fest khona e-ICC impelasonto yonke. Kwakwethulwa i-albhamu iJoyous Celebration 27: Hope (Live at the Emperors Palace, 2023), kwalandela iGospel Meets Soul & Jazz kwavalwa ngeMTN Joyous Celebration & Friends.
“Besiqala ngonyaka odlule, sase sisho ukuthi sesifuna ukwenza iTheku ikhaya lethu ngempelasonto yePhasika. Siyabuya-ke manje sizoba se-ICC ngoMgqibelo wePhasika nangeSonto lakhona,” kusho uMkhize.
Uthe ukushintsha kwezinto yikho okwenze bakhetha ukuzozinza endaweni eyodwa bengayi kwezinye izindawo.
“Satshelwa nangabalandeli bethu ukuthi kade sagcina ukuqopha eThekwini, sase siphendula lokho ngokuzoqopha khona. Babehlala bebuza ukuthi kanti siqopha nini eThekwini. Okuningi esikwenzayo siyiqembu sisuke siphendula izifiso zabo,” kuchaza yena.
Ekhasini leqembu ezinkundleni zokuxhumana, kukhona asebeqalile bebuza ukuthi amathikithi azoqala nini ukudayisa.
UMkhize uthe kukhona abasakulungisa ngaphambi kokuwavula.
“Silungisa ukuthi isihlalo sibe nethikithi laso, ukuze kungabi nankinga. Ngicababanga ukuthi kuleli sonto sizoqala siwadayise. Azoqala ku-R240 kuye ngendawo ohlala kuyo aze ayoshaya ku-R450. Okunye wukuthi kuba ngathi asiphelele uma singaziphethe izimfihlo, ngakho kukhona okusemgodleni okuzojabulisa abantu,” kuphetha uMkhize.