AMAKHOLWA nokuhleba yizithupha ziya egwayini. Ngithuke kabi ngihlangana noThinah Zungu ehamba evimba abantu ekhala ngokuncishwa ukudla emngcwabeni kaZanele Mbokazi-Nkambule. Ngimuzwe esekhala nangokuthi banikele ngenkomo kodwa abasadli. Ngicabanga ukuthi umzwile nawe DJ Happygal ekhuluma edlula ngakuwena. Sesizosaba ukuthatha iminikelo yenu madoda uma ninje.